Ubonge uZuma ngokuchuma “kweKhumbi Ekweletayo”

443

USgwebo Sentambo uthi le albhamu iphakame ngenxa yegama likaMsholozi

UMCULI kamasikandi USgwebo Sentambo, okwesokunxele, nowakwakhe uNkk Bongiwe Khoza bephahle uMnu Jacob Zuma abebeyokwethula kuyena indondo eyanqotshwa yilo mculi.

MTHOBISI SITHOLE
UBONGE uMnu Jacob Zuma ngo-kuchuma kwe-albhamu yakhe ethi, “Ikhumbi Ekweletayo”, umculi kamskandi, uVela “Sgwebo Sentambo” Khoza othi ingoma ekuyona ethi “Malibuyele kuZuma”, yiyona eyenze wanqoba indondo yeBest Maskandi Album kwiSouth African Traditional Music Achievements Awards (Satma) mhla ka-27 kuLwezi (November) eMpumalanga.


Ngeledlule, lo mculi uqoqe abalandeli bakhe namanye amalungu omphakathi wangakubo oBuka, eMpangeni, wayokwethula le ndondo kuMnu Zuma, eNkandla. Lo mculi utshele ILANGA ukuthi okwenze wanqoba ngale albhamu, wukuthi kubantu abaningi idume ngenoni elithi, “Alibuyele kuZuma”.Uveze ukuthi nakuba le ngoma ingadlalwa emsakazweni uKhozi FM ngenxa yokuthi kuthiwa iyapolitika, kodwa isimenzele okukhulu.


“Le ngoma isingenzele okukhulu nakuba inganikezwa ithuba emsakazweni. Abantu bayayazi futhi bayayithanda. Ngibone kuyicebo elihle ukuba ngiyethule kubaba uMsholozi ngoba le ndondo kufana nokuthi ngeyakhe. I-albhamu iphakame ngenxa yengoma ethinta igama lakhe,” kusho uSgwebo. Ngokuthola kwaleli phephandaba, uMnu Zuma ubongele kakhulu uSgwebo, waveza nokuthi kuyajabulisa ukunqoba kwakhe ngalo msebenzi okubukeka uvimbekile.


Le ngoma kaSgwebo iqale ukusabalala ngesikhathi kuhlongozwa ukuboshwa kukaMnu Zuma esolwa ngokudelela umyalelo wenkantolo njengoba kwaze kwaphetha ngokuthi aboshwe mhla ka-7 kuNtulikazi (July) wayogqunywa ejele lase-Estcourt. Wagwetshwa izinyanga eziwu-15 kodwa isigwebo sakhe wasiqedela kwakhe ngenxa yokuthi kwathiwa uyagula. Emuva kokuboshwa kwakhe kwaqubuka udungunyane, abantu bazitapela ezitolo ezinye bazishisa, kwafa inqwaba yabantu elinganiselwa ku-350, kubalwa nababulawa ePhoienix, kwaqubuka intuthu yobuhlanga.


USgwebo waphinde wabonakala enandisa ngayo ngale ngoma emcimbini wokwamukela uMnu Zuma ePeople’s Park, eThekwini ngesikhathi esededelwe ejele. Uthola le ndondo nje, akaqali nje-ngoba wake waqukula eyaMa-ntshontsho Kamasikandi Awards neyeSouth African Music Awards

Previous articleImoto ka-R12m egubha impumelelo
Next articleSigadlile isivuvu sesine seCovid eKZN