Uboshiwe “obezenza udokotela” ezibhedlela

2221

NOMFUNDO NGWANE

ZISHAQISE amalungu omndeni wakwaMagudulela, KwaB, eMondlo, eVryheid izindaba zokuboshwa kwendodana yawo ebiyaziwa ngokuba ngumfundisi ebandleni leZayoni ngezinsolo zokuzenza udokotela ezibhedlela ezahlukene zikahulumeni, isebenzisa izicucu zomkokotelo.

Umthombo weLANGA uthi kuhlwe emini waswela umgodi wokucasha uMnu Phumlani Magudulela (25) ( osesithombeni) zimkhalela ebhace ezihlotsheni zakhe eBabanango, ebalekela abakwasidlodlo. Ushaqwe ngamaphoyisa esebalekile ngemuva kokuncinzwa indlebe ukuthi amfuna uthuli. 

ILANGA lithole ukuthi uMnu Magudulela obesesebenza esibhedlela saseNkonjeni, eMahlabathini obaziwa ngokuthi ungumfundisi eZayoni uboshwa nje, ubesethenge unyanyavu lwemoto kwelinye lamagaraji ngamaphepha “omkokotelo”. 

Ubeselinde ukuthi abegaraji bamdilivele yona. Kuthiwa kusize amaphoyisa axwayise igaraji ukuthi angamniki imoto. Kubikwa ukuthi uboshwa nje, ubeshiye enze uxhaxha lwamacala eGoli, nakhona esebenza engudokotela, esebenzisa imininingwane yomunye udokotela. 

Udadewabo kamsolwa Magudulela, uNkz Zanele Magudulela, uthe bathuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi kugasela amaphoyisa kubo eyobopha umfowabo. 

“Besingazi ukuthi usengudokotela, besazi ukuthi ubamba amatoho eThekwini. Kasikaze simuzwe ethi uyofundela ubudokotela, sithukile uma sesizwa ukuthi ubenza ubugebengu,” kusho uNkz Magudulela. 

Uchaze umfowabo njengomuntu ophansi, okhule ethanda isonto futhi ekhaliphile esikoleni. Uthi kabamazeli ubugebengu. Kuthiwa ugila le mihlola nje, wafunda unyaka owodwa enza izifundo zobudokotela e-University of KwaZulu-Natal (UKZN), wazilaxaza, wazenza udokotela ogogodile. 

Ngokuthola kweLANGA, uqale ukugila le mihlola esibhedlela esiseMamelodi, ePretoria, okuthe uma esebanjiwe esevulelwe necala, wabaleka. Usuke lapho waya eSecunda, eMpumalanga, kwelinye lamagaraji adayisa izimoto. 

Kuthiwa ufake amaphepha okuthenga unyanyavu lwemoto ngamaphepha okungewona awakhe. Umthombo uthi igaraji limbambe eseyoyilanda imoto, waboshwa. Ushaqwe ngamaphoyisa ngaleli cala, waphuma ngebheyili ka-R5 000, walibalekela icala akaphindanga wabuyela enkantolo. 

Kuthiwa ubuye lapho wayofaka isicelo sokuyosebenza eNkonjeni. Ubanjwe esenezinyanga eziwu-3 eqalile ukusebenza. Kuthiwa nakhona ubanjwa nje, ubesebaqedile ozakwabo esibhedlela ebaqola imali okuthiwa ibisize yafika ku-R40 000. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe umsolwa udluliselwe eMamelodi ukuba ayobhekana necala elifanayo. Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Ntokozo Maphisa, uthe bazolulandela lolu daba.

Previous articleIChiefs neDowns basamincile ngeligi
Next articleKusolwa eyamatekisi kushona abathathu