INTATHELI YELANGA
APHELILE amahlathi okucasha kowesilisa waseSwazini obebalekele amacala amabi ezweni lakhe wazocasha eNingizimu Afrika, kanti njengoba ebanjiwe nje, kulindeleke ukuba abuyiselwe kwelikaSobhuza ayobhekana nezono zakhe.
UKenny Sifiso Tfhwala (33), obefunwa uthuli ngamaphoyisa adumo lwe-Interpol ngamacala okubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokuyisa kwagoqanyawo iphoyisa laseSwazini, uboshwe ngamaphoyisa kaMasipala weTheku ngeledlule. Zimkhalele emuva kokuba i-Interpol ithumele emaphoyiseni kamasipala imininingwane yakhe nencwadi egunyaza ukuba aboshwe. Ezintweni ezithunyelelwe amaphoyisa eTheku, bekukhona nemininingwane mayelana nezindawo lapho kungenzeka ukuba uhobe khona.
Ubanjiwe wavela kafushane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla. Umbuso utshele inkantolo ukuthi ulindele ukuba kuphothulwe amaphepha okugodukiswa kukaTfhwala.
Le nkantolo iluhlehlisele umhla ka-5 kuMandulo (September) udaba, kanti uTfhwala uzogqunywa esitokisini.