Ubudlelwano obuhle kwiLast Dance eMgungundlovu

264

LUCKY CAIN

UKHUZA ibuya umcimbi waminyaka yonke wokuhlukanisa unyaka osuzakhele igama obizwa ngeLast Dance Music Festival njengoba usuzokwenzelwa e-Oval Cricket Stadium eMgungundlovu.

Lo mcimbi ogubha iminyaka engu-14 kulo nyaka uzoba ngobusuku obandulela uNcibijane kanti kuzobe sekungokwesibili wenzelwa kule ndawo njengoba nangonyaka owedlule wenzelwa kuyona. Kuzokhumbuleka ukuthi waqala wenzelwa eRichards Bay ngaphansi kukaMasipala uThungulu osubizwa ngeKing Cetshwayo wadlulela KwaDukuza njengoba usuzinze eMgungundlovu.

Umsunguli walo mcimbi uSipho Ndaba uthe awukho omunye umcimbi owedlula owe-Last Dance ngobusuku obandulela uNcibijane. “Sinxusa abathandi benjabulo nomculo abaqhamuka ezinkalweni ezahlukene kuleli ukuba baphume ngobuningi ukuzohlukanisa unyaka ngegiya eliphezulu elihambisana nobumnandi abangasoze babukhohlwa,” kusho uNdaba. Uveze ukuthi okumjabulisayo wubudlelwano obuhle asebenabo nabahleli bomcimbi wakuyona le ndawo obizwa ngeDuzi Eve Party.

“Kuyasijabulisa ukumemezela ukuthi kwiLast Dance Music Festival sizoba netende lezicukuthwane elibizwa ngeDuzi Eve VIP. Lobu budlelwano buyingxenye yokukhuthaza ukubambisana phakathi kosomabhizinisi abasemkhakheni wezemicimbi nezokuvakasha nokusebenza ngokuhlanganyela,” kusho yena.
Uveze ukuthi lo mcimbi awugcini ngokujabulisa labo abazobe bewuhambele kuphela njengoba nalabo abathanda ukuzihlalela emakhaya ngalobu busuku bengaba yingxenye yawo njengoba uzobe ukhonjiswa bukhoma esiteshini sikamabonakude i-SABC 1-Mzansi Fo Sho ohlelweni iCome Duze kusukela ngo-9 kusihlwa.

Udalule ukuthi amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eTicketpro kusukela ku-R200 ajwayelekile kuya-R350 bese kuthi awezicuthwane abize uR700. Kulabo abathanda ukuzifikela no-coolerbox bazokhokhiswa uR100 njengoba amasango azovulwa emini. Kulo mcimbi kuzobe kuboshelwe abaculi noDJ okubalwa kubo uMthandeni SK, Kamo Mphela, Jumbo, Scorpion Kings (Kabza De Small noMaphorisa), Lwah Ndlunkulu, Khuzani, DJ Happygal, Big Zulu, Nasty C, Slender Da Dancing DJ, Babes Wodumo, Sbo Da Poet, Kwesta, Tyler ICU, Lindough, & Kingshot, Eemoh nabanye abaningi.

Previous articleKukhuthazwe abasafufusa kwezamafilimi kwi-KAFF
Next articleKuvukuzwa ithalente emphakathini waseMzinto