USIMPHIWE Ngema ungomunye wosaziwayo abazakhele igama emdlalweni kamabonakude owuchungechunge uMuvhango, lapho ebedlala khona indawo kaThuli.
Ngemuva kokugqama kulo mdlalo okhonjiswa kwiSABC 2 ube esenge-nisa emkhakheni wezikaqedisizungu kanti muva nje ungomunye wosaziwayo abangenele uhlelo lukamabonakude iTropika Island of Treasure, olusakazwa esiteshini iSABC 3.
Lesi siphalaphala sentokazi sithi selokhu singenile emkhakheni wezikaqedisizungu sesibhekane nezingqinamba ezahlukene.
“Inkinga enkulu engike ngahlangabezana nayo kulo mkhakha kube wukuzama ukungena khaxa ngendlela bantu abalindele ngayo.
“Uma ubukeka umuhle abantu bacabanga ukuthi awunayo ingqondo, ngakho kumele uhlale usebenza ngokwedlulele ukuze uzibonakalise,” kusho le ntokazi.
Uthi okubi ngalo mkhakha wezikaqedisizungu wukuthi kugcwele abantu abangahluzile.
“Yingakho mina ngiqinisekisa ukuthi ngaso sonke isikhathi ngenza konke okusemandleni ukuveza ubuhlakani bami ukuze ngingathatheki kancane,” kusho uSimphiwe ophinde abe ngumculi.
Ngonyaka owedlule ukhiphe ingoma abekhumbula ngayo isithandwa sakhe ebesingusaziwayo uDumi Masilela.
UDumi wabulawa ngesikhulu isihluku esigamekweni sokudunwa imoto esenzeka eGoli. Uthi nakuba esekwamukelile ukuhamba kwesithandwa sakhe kodwa akubanga lula.
“Ukushona kukaDumi ngemuva kwezinyanga ezimbili sishadile kwaba yishwa elikhulu kanti ebengikwesaba wukuthi abantu bazomkhohlwa.
“Yingakho ngenza konke okusemandleni ukugcina igama lakhe liphila ngaso sonke isikhathi,” esho.
Uphinde waqopha enye ingoma esihloko sithi Thanda Ngempela, ayi-chaze njengendlela yokuvalelisa nokukhulula isithandwa sakhe abesithanda ngempela.
USimphiwe ungomunye wosaziwayo abangenele uhlelo iTropika Island of Treasure, kanti ozodla umhlanganiso kulolu hlelo oluwumncintiswano kulindeleke ukuba
ahlabane ngo-R1 million.
Echaza ngokungenela lolu hlelo, uthe lufike ngesikhathi esikahle njengoba ebekudinga ukungcebeleka olwandle.
“Ukwenza imidlalo eyahlukene kuyinto enhle engakwazi ukukhulula umqo-ndo wami, ngikwazi nokuzizwa amandla ukuthi ngingakwazi yini ukwenza izinto ezahlukene.
“Lolu hlelo nakanjani luzongibeka kwibalazwe, yingakho ngigcine ngilungenelile,” kuchaza yena.
Uthi okunye okumenze walungenela wukuthi unesifiso sokuhlabana ngalesi samba semali esibekelwe ozonqoba.
Nakuba engakabi nazo izinhlelo zokuthi angenzani ngale mali uma engase anqobe, kodwa uthi ingxenye angayigcina, azitamuzele inzuzo yayo. Uthe kulo nyaka kuningi azimisele uku-kwenza njengoba ezoqhubeka nokukhipha umculo.
“Unyaka owedlule ungifundise ukuthi kuningi engingakuzuza uma ngingagxilisa umqondo wami.
“Ngizimisele ngokuqhubeka nokukhulisa igama lami, nokwenza izi-nto ezahlukene ezizongikhulisa,” kusho yena.
Uphethe ngokuzichaza njengomuntu okhululekile futhi ozimiselayo kunoma yini ayenzayo kanti uyazifela ngomculo.