Ubuhlungu bokushonelwa bumenze wasungula inhlangano

280

UNtombi ucacisa ngesinqumo sokuveza impilo yomndeni kwi-TV

UNTOMBI Mzolo uthi umndeni uhamba phambili kuyena.

UNTOMBI Mzolo oyindodakazi yesihlabani somculi kamaskandi, uHhash’elimhlophe, uthi bese kunesikhathi abantu benxenxa umndeni wakhe ukuthi uqhamuke nohlelo lukamabonakude.Sifezekile isifiso sabaningi ngohlelo lwalo mndeni olubizwa ngokuthi Ofuze. Umndeni weHhash’ elimhlophe sekunesikhathi waba semehlweni abantu. Wonke ubusendimeni yomculo. UHhashi nomkakhe u-Ebony, bangabaculi, kanti nezingane zabo zizakhele udumo ngawo, ngaphansi kweqembu Amaponi, njengoba aduma esemancane. UNtombi uxoxe neLANGA LangeSonto, waveza isinqumo sokuthi babeke impilo yomndeni wabo kwibalazwe lomhlaba. Le ntokazi ingumethuli wezinhlelo ezahlukene kumabonakude, okubalwa kuyona iYash’ Ingoma ekhonjiswa ngamaSonto kwi-Mzansi Wethu neLenkunutu ekhonjiswa kwiMoja Love, kanti ike yabambela uJub Jub ohlelweni Uyajola 99.


Ithi kuyintokozo ukuthi ekugcineni abantu sebezokwazi kangcono ngomndeni wayo, nangayo uqobo, njengoba nayo isinomndeni wayo okuvelayo ngawo ohlelweni OFuze. “Bekumele ngiqale ngixhumane nomyeni wami nomndeni wonke, ngaphambi kokuthi sivumelane ngokuthi umndeni wethu uvele kulolu hlelo. Nakuba ngizalwa koFuze kodwa sengingowakwa-Mzolo, ngoba ngishadele khona.Okuthinta mina nabakwaMzolo kuyabathinta,” kusho uNtombi. Uthi ufunde lukhulu ngokwakha nokuphatha umndeni kubazali bakhe. “Akekho ongazi ukuthi ekhaya sikhule siwumndeni obumbene, futhi obuwenza konke ndawonye. Lokhu bekungasho ukuthi bezingekho izinkinga, kodwa bekuchaza ukuthi siyakwazi ukubhekana nazo ngendlela eyakhayo futhi izindaba zawo ezingagcini zikapakela ngaphandle,” esho.


Uchaze isigameko sokudlula emhlabeni kwengane yakhe njengesibe buhlungu kakhulu empilweni, kodwa ngenxa yothando nokwesekana kwemindeni, owakwaMzolo nowakwaNgcobo, ukwazile ukubhekana nalesi sigameko. “Yingakho ngigcine ngisungula inhlangano engenzi inzuzo engiyibiza ngeMothers of Angels Foundation, okuyiyona esixhumana futhi esisiza ngayo omama abashonelwa yizingane zabo. “Akuyona into elula ukushonelwa. Kule nhlangano sinezinhlelo esikwazi ukubambisana nomama ukuze basizakale,” esho. Nakuba ematasa ngezinhlelo zikamabonakude, kodwa uyaqinisekisa ukuthi isikhathi sakhe uyasibhalansisa ukuze kungabikhona uhlangothi olutholakala lushoda empilweni yakhe.


“Wonke umuntu engisebenza naye uyazi ukuthi kimina umndeni ufika kuqala, kulandele umsebenzi kube yinhlangano yami nokunye,” kusho uNtombi. Uthi nakuba ekuthanda ukusebenza kumabonakude, kodwa uyaqinisekisa ukuthi izinhlelo azenzayo ziletha ushintsho empilweni yabantu, zibe nomphumela oya phambili. “Angigcini ngokuba wumethuli wohlelo, ngihole kuphela, kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi kukhona okushintsha impilo engikwenzayo kunoma yiluphi uhlelo,” esho.
Uthi ohlelweni iYash’ Ingoma uyakuqinisekisa ukuthi kuba nomehluko kubaculi bakamasikandi nakubabukeli imbala. Le ntokazi ichaza nangesigameko sokupheka uyise ngemibuzo kulolu hlelo. Ithi kwaba yintokozo ukuthi kube yiyona epheka uyise ngemibuzo ohlelweni. Kwayenza yathobeka ngoba imazi ukuthi umculo kamaskandi akagcini ngokuwucula kodwa uyawuphila. lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleUmndeni ubhodla umlilo ngo-principal ‘obhaxe umfundi’
Next articleITogether Mzansi