Ubulale ingane yakhe nokhokho wayo ekhipha isibhongo sokwaliwa

438

SKHOSIPHI MTHEMBU

UGEQE amagula ngesinqumo sokwehlukana noyise wezingane zakhe ezimbili owesifazane waseJozini, okugcine ngokuthi kuklajwe kubulawe uninakhulu nengane yabo eneminyaka emithathu ngoLwesithathu ebusuku. 

ILANGA libe nengxoxo noNkz Nombulelo Ndlanzi (25), ngemuva kokuzwa udaba lokuthi uyise wezingane zakhe, uMnu Sithembiso Sithole (36), wasoThobothini, eJozini, isibhongo sokwaliwa usikhiphele kuninakhulu, uNkz Sikhombo Ndlanzi (91) nengane yabo, u-Enzokuhle Ndlazi (3), ngokubaklabha ngocelemba maqede waziphosa edanyini iJozini. Uthe umsolwa ugila le mihlola nje, ubeseke wazama ukubulala izingane zabo ngokuziphonsa ebhulohweni. Uveze ukuthi unqume ukwehlukana naye ngoba ebona ukuthi impilo yakhe neyezingane isengcupheni. Ngokuthola kweLANGA, umsolwa ube nengxabano noNkz Ndlanzi ngoba engafuni ukwamukela ukuthi uyamala. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala. Umsolwa uziphose edanyini, amaphoyisa asamthungatha. 

skhom@.ilanganews.co.za

Previous articleKukhuzwa abasebenzisa ekashukela ukwehlisa isisindo
Next articleKukhunjulwe ingqalabutho kwezokuloba ngesiZulu