“Ubulale intombi nomlamu” wakhe engafuni ukwaliwa

333

PHUMLANI GAMA

KUBATSHAZWA isihluku sowesilisa okuthiwa udubule wabulala izelamani zakwaZulu oBuka, eMelmoth ngoba edinwa wukuthi ucu kalusahlangani phakathi kwakhe nesinye sazo. 

UNkz Nokwethemba Zulu (33) noNkz Thandolwethu Zulu (20), bangenelwe ngumsolwa owaziwayo, belele, wabadubula entathakusa yangeSonto. Kubikwa ukuthi umsolwa uqale ngokuthumelela imiyalezo ngezinombolo ezahlukene, esabisa uNokwethemba abethandana naye, emtshela ukuthi uzombulala futhi usenolwazi ngazo zonke izindlela azihambayo. 

Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe imininingwane yalo, umsolwa uqale ngokudubula uNokwethemba, wajikela kuThandolwethu, wamdubula. Kuvela ukuthi umsolwa uqede ukugila lo mkhuba wabaleka wayogibela ibhasi elihamba ngehora lesithathu ekuseni. 

   Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa aseMelmoth aphenya amacala okubulala emuva kwesigameko sokudutshulwa kwabesifazane ababili. “Owesifazane oneminyaka ewu-33, ushonele endaweni yesigameko, esinye isisulu kubikwe ngokushona kwaso phakathi nesonto,” kusho uLt-Col Gwala. 

phumlani@ilanganews.co.za

UNKZ Nokwethemba Zulu okwesokunxele okusolwa obeyisoka lakhe ngokumbulala yena nodadewabo, uThandolwethu okwesokudla.

Previous articleKubanjwa kuyayekwa ezikoleni zaKwaZulu-Natal ngenxa yemali
Next articleBuningi ubugebengu obenzeka kuleli ngenxa yezivumelwano namanye amazwe