“Ubulale” intombi walahla isidumbu sayo emfuleni

1179

Besiboshwe izandla nezinyawo

NOMFUNDO NGWANE

ISIDUMBU sikaNkz Snegugu Mswane (33), esitholakale silahlwe emfuleni siboshwe izandla nezinyawo, sicindezelwe
ngamatshe.
ISITHOMBE NGOSIZO LOMNDENI

ZIYAQAQAMBA izinhliziyo zomndeni wowesifazane waseWembezi, eMtshezi, okusolwa ukuthi ubulawe yisoka lakhe abelondla lingasebenzi, isidumbu sakhe satholakala ngeledlule silahlwe emfuleni, siboshwe izandla nezinyawo, sacindezelwa ngamatshe.
Kusolwa ukuthi uNkz Snegugu Mswane (33), ubulawe yisoka lakhe emuva kwengxabano engaziwa futhi elingafunanga ukuyidalula ngisho selibuzwa ngumndeni kamufi. ILANGA linalo igama likamsolwa, kodwa linqume ukuligodla okwamanje.
UNkz Hlengiwe Sibisi ongudadewabo kamufi, uthi udadewabo ubesebenza e-Eskom, ehlala emzini wakhe nesoka lakhe abesebeneminyaka engaphezu kwemine bethandana.
Uthi umsolwa ubejwayele ukumshaya udadewabo uma bexabana, kwesinye isikhathi aze amlimaze agcine ebaleka ayocasha kubo, kodwa babuye baxolelane.
“Siqale ukuqaphela ukuthi kukhona okushaya amanzi ngeledlule ngoLwesihlanu {mhla
ka-21 kuNhlangulana (June) ngesikhathi sithola ucingo oluvela kwabanye ozakwabo abesebenza nabo e-Eskom, besitshela ukuthi akafikanga emsebenzini ngoLwesinhlanu
ebusuku, kwazise bekumele ayongena ngo-22h00.
“Bathe bamfonelile sebengaphandle komuzi wakhe beyomlanda, kodwa wangaluphendula ucingo baze bahamba bamshiya. Sibuze isoka lakhe lasitshela ukuthi kalimazi nalo, limgcine ngoLwesihlanu eya emsebenzini akaze abuye.
“Kuze kwasiza ukuba sihambe siyovula icala emaphoyiseni, alihloma ngemibuzo kwayima likhuluma iqiniso lasho ukuthi limbulele ngokumklinya maqede isidumbu layosiphosa emfuleni.
“Okusishiye sididekile, sisele nemibuzo engapheduleki, wukuthi umbulaleleni udadewethu
ngoba uma simbuza akasiphenduli,” kusho uNkz Sibisi. Utshele ILANGA ukuthi udadewabo
ubulawe ngoLwesihlanu (mhla ka-21), umsolwa wazivalela nesidumbu endlini ephuma ngoba eya etohweni lakhe. Uthe bayasola ukuthi isidumbu usithathe wayosilahla emfuleni ngemuva kokuzwa ukuthi sithungatha umkhondo wakhe.
Utshele deli phephandaba ukuthi ngesikhathi esevumile umsolwa ukuthi umbulele udadewabo isidumbu wasilahla emfuleni, ubanike umazisi wakhe kanti isikhwama sakhe esinamakhadi asebhange uthe akasazi.
“Sibuhlungu siwumdeni ngendlela ambulale ngayo udadewethu ekubeni ebehlala emzini wakhe, emondla sonke lesi sikhathi engasebenzi, usezombonga ngokumbulala kanje!
“Okusikhathaza kakhulu siwumndeni, ukuthi umsolwa akafuni ukuphumela obala asitshele ukuthi ubangeni nodadewethu ukuthi usengaze ambulale ngesihluku esingaka.
“Okunye ebesimbuza khona wukuthi ubesizwa ngubani ngesikhathi ethwele isidumbu
eyosilahla emfuleni ngoba ubengeke akwazi ukuhamba indlela ende kangaka naso eyedwa,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thalami Zwane, uthe amaphoyisa abophe
umsolwa oyedwa ngecala lokubulala intombi yakhe isidumbu sayo esitholakale silahlwe emfuleni. Uveze ukuthi umsolwa nguyena okhombise amaphoyisa lapho asilahle khona isidumbu, kanti uvelile ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yase-Estcourt. Kulindeleke ukuba aphinde avele maduze.

Previous articleUmbango omusha kaShembe
Next articleBakhetha uJesu bayeke isikole