‘Ubulale ishende nengoduso, wadubula nomkhwekazi’

475

Kuthiwa umsolwa ubhale ezinkundleni zokuxhumana ecela uxolo ngokulimaza nengane

BEKUMUNCU ngesikhathi kuthathwa isidumbu sikaNkz Thenjiwe Mgobhozi okuthiwa ubulawe ngumyeni wakhe esigamekweni esenzeke izolo. Ngakwesokudla uNkz Thandazile Ndlovu, echazela
ILANGA ngokubulawa kwendodana yakhe ebisolwa ngobushende. IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA

SKHOSIPHI MTHEMBU KUSOLWA
ukuthi ubegajwe yisikhwele owesilisa okuthiwa udubule wabulala ingoduso yakhe nowesilisa abemsola ukuthi uthandana nayo maqede wadubula umkhwekazi nengane kasibali wakhe. Lesi sigameko esishiye omakhelwane beshaqekile, senzeke eMsunduzi, eNdwedwe, lapho kubulawe khona uMnu Simphiwe Ndlovu (36) odutshulwe phambi kukanina ekuseni, umsolwa wadlulela ekhweni lakhe wadubula wabulala ingoduso yakhe uNkz Thenjiwe Mgobhozi (34) abanezingane ezimbili nayo. Kuthiwa umsolwa akagcinanga lapho, udlulele ekamelweni likamkhwekazi wakhe wamdubula esifubeni nengane kasibali wakhe okumanje basesibhedlela babangwa nezibi.


ILANGA lifika endaweni yesigameko izolo ngoLwesithathu, omakhelwane bebemi izixongololo, kubonakala ukuthi basamangele. Kuvele ukuthi umsolwa wenza lo mhlola nje, ubeke wafika kwa- Ndlovu waxwayisa umndeni wakhona ukuba ukhuze umufi (Simphiwe) ukuba ahlukane nengoduso yakhe. UNkz Thandazile Ndlovu ongunina kaSimphiwe, lesi sigameko esenzeke phambi kwakhe, ubebonakala ukuthi usathukile. Utshele ILANGA ukuthi ibuhlungu into ayibonile, indodana yakhe ibulawa phambi kwakhe kungekho angakwenza. “Lo mfana uke wafika ngesonto eledlule ezofuna indodana yami. Ufike ingekho wabe esengitshela ukuthi ucela ngiyikhuze ukuba ihlukane nonina wezingane zakhe.


Ube esehamba engachazanga okuningi. Ngikhulumile nendodana yami, yaphika, yangitshela ukuthi bahlukana kudala. “Ngihlalile ngazitshela ukuthi kudlulile njengoba indodana yamiisishilo ukuthi abathandani. Kuthe izolo (NgoLwesibili) wafika ekhaya wangathola muntu, wabe esedlulela esikoleni lapho ngidayisela khona. Akangificanga nakhona wabe eseshiya umyalezo komama engidayisa nabo ukuthi bangitshele ngikhuze indodana yami. Kuthe namuhla (ngoLwesithathu) ngehora lesihlanu ekuseni ngimatasa egcekeni, waqhamuka wabuza indodana yami ukuthi ikuphi.


“Ngivele ngangamphendula, ngangena endlini wangilandela. Ngizamile ukumvimba sadudulana waze wawela kusofa, qede wakhipha isibhamu ngasuka kuyena. Usukume waqonda egunjini lendodana yami wayifica ivuka wayidubula entanyeni. Usuke lapho waphuma wangena emotweni yakhe wahamba,” esho.b UMnu Nhlanhla Mgobhozi ongumfowabo kaNkz Mgobhozi, uthi usibali wakhe ufike ekuseni waqala egunjini likanina. umama wezingane zakhe maqede wadlulela ekamelweni lakhe. Umdubule ekhanda wadlulela kumama wamdubula ngasebeleni, wadubula ingane kamfowethu maqede wabaleka.


“Kumanje ubhala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi uyaxolisa ngokudubula ingane. Lokhu kusho ukuthi ubevele eqonde ukudubula udadewethu nomama,” esho. Uvumile ukuthi umsolwa unezingane nodadewabo futhi wamcela. UNkz Zinhle Ngwane oyikhansela kule ndawo, uthe umasipala uzozama ukuthola osonhlalakahle ukuze imindeni ethintekayo izokwelulekwa ngokwengqondo. Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe kuvulwe amacala okubulala nawokuzama ukubulala







Previous articleIYAQINA EYOKUPHAZANYISWA KOBUFAKAZI
Next articleUsindiswe ngamaphoyisa umnikazi wePitbull