“Ubulale umkakhe maqede wazilengisa”

403

Kuthiwa inkosikazi ibingasahlali emzini wayo ngenxa yengxabano nomyeni

NONHLAKANIPHO SHINGA

UPHITHENE amakhanda umndeni wakwa-Mafu, eBhomela, ePort Shepstone ngendodana yawo nomkayo, okusolwa ukuthi babe nengxabano eholele ekutheni umyeni agwaze ephindelela umkakhe, maqede wazilengisa ngocingo emzini wabo ngoLwesine olwedlule. Kusolwa ukuthi uMnu Malusi Mafu (33), ugwaze ephindelela uNkk Zinhle Mafu (35) (abasesithombeni), abanezingane eziyisihlanu, maqede wazilengisa. Umndeni uthi namanje kawukwazi nokuhlawumbisela ukuthi kwenzekeni phakathi kwabo, ngoba bewungakulindele lokhu. Kusolwa ukuthi lesi sigameko senzeke ngesikhathi izingane zisesikoleni, okuthe uma enye yazo seyibuya emini, yafica abazali bayo bebomvu yigazi, sebethule, yahlaba umkhosi.


“Kwathina sisamangele, kasazi ukuthi yini lena engaka abayibangile. Esikwaziyo wukuthi ngoMfumfu (October), wonyaka odlule, umakoti waphuma emzini wabo wayohlala emqashweni eGamalakhe, ngoba ethi ufuna ukushaywa wumoya. “Kwathi uma sekuqulwa icala lencwadi yesivimbelo (eyayisikhona), umakoti wathi uma kwenzeka benokungaboni ngaso linye, (umyeni wakhe) uyamsabisa, okuyilaphoke banxuswa khona ukuba bahlale ngokwahlukana,” kusho uNkz Nqobile Mafu ongudadewabo kaMnu Mafu. Uthi nabo sebelinde ukuya emakhazeni sekugezwa izidumbu ukuze babone ukuthi ngubani olimele kakhulu, ngoba uthi zombili izidumbu bezigcwele igazi.


Ngokusho komndeni, ubuhlala ubakhuza abafi uma bebona umakoti eselokhu efika emzini wabo evakashile, baze nabo babonakale belandelana sebekhaphana esephindela emqashweni wakhe. “Okusixaka kakhulu wukuthi ubesanda kuya enduneni eyofuna ukuthatha ezinye zezimpahla emzini wabo, ngoba engasahlali khona, kodwa icala lafike lamchitha, kwathiwa akakwazi ukuthatha izimpahla ngoba umyeni wakhe uhlala nezingane zabo emzini wabo,” kusho uNkz Mafu. Uthi abafi bebekhulisa izingane eziwu-8, eziyisihlanu okungezabo nezintathu zomfowabo kaMnu Mafu osewashona. “Kuyimanje kasazi ukuthi sizothathani sihlanganise nani, ngoba izingane zabo zisencane ngendlela eyisimanga. Eyokuqala nje ineminyaka ewu-14 ubudala, kuthi eyokugcina ibe nezinyanga eziwu-9. Leyoke isancela,” kusho uNkz Mafu.


Kuthiwa kwenzeka lokhu nje, kawuqali umuga ofuze lona emndenini wakwaMafu, njengoba enye yamadodana akhona isabhadle ejele idonsa iminyaka ewu-20 ngecala lokubulala umkayo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi kuvulwe idokodo lophenyo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleKUBOSHWE ABASE-UKZN BESOLWA NGOKUKHWABANISA
Next articleI- Nedbank yethula uhlelo olusha lokukhokha olusheshayo i-PayShap, mahhala kuze kube mhla ka 30 kuMbasa 2023