‘Ubulale umngani enqaba ukumbhemisa’

605

Isidumbu sakhe sitholwe yizinja ethuneni elingashoni

NOMFUNDO NGWANE
KUSABATSHAZWA isenzo sowesilisa waseNtunjambili, eKranskop, osolwa ngokuklabha, abulale umngani wakhe ngocelela, emuva kwalokho wagqiba isidumbu sakhe eduze kwethuna likanina (kamsolwa) ngoba enqabe ukumbhemisa.
Kuthiwa uMnu Lwazi “Gebhu” Mkhize (25), wayezishayela umndweza kasikilidi emasontweni amabili adlule, okwathi uma umsolwa ecela ukuba ambhemise, ekhala ngokuqaleka, umufi
wanqaba.
Umsolwa esiligodlile igama lakhe aze avele enkantolo avume icala noma aliphike wathukuthela wagana unwabu, wadonsa ubhushu wakhe wabe eseklabha ngawo uMnu Mkhize, wamgqiba.
Kuthiwa ngemuva kwesonto emgqibile, kwabonakala ngenqwaba yezinja zakomakhelwane
zimbondelene kuleli thuna, zizama ukuligumba.
Unina omdala kamufi, uNkk Khulelaphi Ngidi, utshele ILANGA ukuthi indodana kadadewabo, ibisanda kuthola umsebenzi wokwakha, ihlala kubo kamsolwa, kwazise bayimindeni ejwayelene kakhulu.
“Unina kamsolwa ubengumngani wami omkhulu, sisanda kumngcwaba. Umsolwa ubesehlala yedwa, wumndeni ebengijwayelene kakhulu nawo. Ngibizwe ngomakhelwane ngoLwesibili ngizihlalele ekhaya, bangitshela ukuthi kunesidumbu esitholakale egcekeni lakubo kamsolwa sigqitshiwe, sesiqala ukonakala,” kusho uNkk Ngidi.
Uthi batshelwe ukuthi izingane bezidlala egcekeni ngesikhathi zibona izinja zigubha leli thuna kwaze kwavela isidumbu somuntu. Omakhelwane abaseduze kuthiwa basondelile bathola ukuthi yisidumbu sikaMnu Mkhize.
“UGebhu ubesehlala kubo kwalo mfana ngoba esondelela umsebenzi njengoba kukhona lo muzi abebewakha naye lo mfana. Bese kunesikhathi ngigcinile ukumbona.
“Ngithuke ngacishe ngashayeka phansi uma ngibizwa ngomakhelwane bengitshela ukuthi mangiphuthume kwamsolwa, kunesidumbu esitholakale sigqitshwe egcekeni, kusolwa ukuthi ngesikaGebhu,” kusho yena.
Uthe omakhelwane bamtshele ukuthi umsolwa ufikile ngesikhathi sebegcwele igceke, wazivumela ngowakhe ukuthi nguyena obulale uMnu Mkhize, bebebanga ugwayi. Kuthiwa uqede ukusho lokho wahlaba ngejubane ebalekela ukuthi angaboshwa.
“Ngithukile uma ngizwa kuthiwa ufele ugwayi ngoba bengazi ukuthi akaphuzi futhi akabhemi, kodwa ngeke uziphikele izingane ngoba kawuhlali nazo. Ubengumntwana okhuthele futhi ohloniphayo, okhonze umsebenzi wezandla,” kusho uNkk Ngidi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi amaphoyisa abophe umsolwa oyedwa ngecala lokubulala. Umsolwa kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseKranskop khona maduze ngecala lokubulala.
nomfundo@ilanganews.co.za