Ingxabano iqale ezinganeni zikamufi, yangenwa ngabazukulu, kwachitheka igazi
SKHOSIPHI MTHEMBU
UZINIKELE emaphoyiseni owesilisa waseNkanini, eShowe, odubule wabulala umzala wakhe ngeledlule, walimaza kanzima ubabekazi wakhe kubangwa imali yomnikelo wesoso lomngcwabo, nezingubo zokulala ezimbathiswe umufi ngosuku lomngcwabo. Umsolwa uLwazi Qwabe (25), uvele enkantolo ngoLwesihlanu, eyofaka isicelo sebheyili ngamacala abhekene nawo elokubulala uMnu Phelelani Ntenga (25) ongumzala wakhe, awokuzama ukubulala ubabekazi wakhe, okumanje usesibhedlela kanye nomakhelwane bonke okuthiwa babesendlini ngosuku lwesigameko, nelokuduna imoto yomzala wakhe.
Ngokuthola kweLANGA, indaba isuke ngosuku lomngcwabo kaninakhulu kamsolwa nomufi. Kubikwa ukuthi ngosuku lomngcwabo kusuke ingxabano phakathi kwezelamani zesalukazi ebesifihlwa. Ingxabano igcine isingenelelwa ngabazukulu bakamufi abazalwa yizelamani. Izingane zalezi zelamani uLwazi (umsolwa) uzalwa yindodana, uPhelelani (umufi) uzalwa yindodakazi. Umthombo uhlebele ILANGA ukuthi ingxabano isuswe ngumnikelo nengubo yokulala (blanket) okwambeswa ngayo umufi ngosuku lomngcwabo. “Ngesikhathi esedubule wabulala umzala wakhe, ube esebaleka wahlangana nomunye umzala wakhe wamkhomba ngesibhamu, wathatha imoto yakhe wamfaka phakathi, maqede washaya wachitha.
“Uhambe waze wayofika ngaseKranskop, lapho ephelelwe khona wuphethiloli. Kungaleso sikhathi ekwaze khona ukuphunyuka abaleke lona obethunjiwe. “Umsolwa ube esenyamalala naye waze wayozinikela emaphoyiseni aseMtshebheni, eNanda lapho elandwe khona,” kusho umthombo. UMnu Mbongeni Ntenga, onguyise kaPhelelani, uthi isimo sisenzima emndenini wakhe kangangoba umkakhe akakakhishwa esibhedlela. Uthi selokhu edutshuliwe ubengakwazi ukukhuluma, kodwa useyazama. “Bengingekho emngcwabeni ngesikhathi kufihlwa umkhwekazi. Ngizwa kuthiwa ingxabano isuke phakathi komkami nosibali. “Umkami ubephakamisa ukuthi bahlukaniselane umnikelo wesoso nezingubo zokulala ezambeswa umkhwekazi (umufi), ukuze ezonikeza izingane ezihlala kubo, kodwa usibali wenqaba, kube sekusuka umsindo uLwazi (umsolwa), wangenelela eseka uyise obexabana nomkami.
“Bagcine bephendulana kabi nomsolwa wabe esengenelela noPhelelani eseka unina. Umsolwa ube esephuma wayolanda isibhamu kubo wabuya naso. “Uzame ukukhiphela umkami ngaphandle endlini kodwa wangakwazi, babe sebevala umnyango nendodana yami basala ngaphakathi endlini. “Uvele wadubula khona emnyango izinhlamvu zangena esicabheni zashaya indodana yami, yawela khona lapho. Umkami uzamile ukuvala ngosofa umnyango, kodwa waqhubeka nokudubula washayeka esiswini. Kuphinde kwadubuleka nomakhelwane obekhona endlini,” kusho uMnu Ntenga. Uthi kumanje bayesaba ngoba uma engadedelwa umsolwa, abazi noma uzoqhubeka lapho egcine khona yini. “Konke sesikubeke ezandleni zamaphoyisa, yize nathi singaphephile ngoba asazi ukuthi ucabangani kumanje umsolwa,” esho. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko, wathi umsolwa oneminyaka ewu-25 uvelile enkantolo yaseNkanyezini ngoLwesihlanu ngecala lokubulala, awokuzama ukubulala nelokuduna imoto. Uzobuyela enkantolo maduzane.
skhom@ilanganews.co.za