Kuthiwa udutshulwe ngentululwane yezinhlamvu ngabangaziwa
THANDEKA NGOBESE
UKHUNGATHEKILE umndeni kathishanhloko waseSibonise Primary School Kwa-J, KwaMashu odutshulwe nguntululwane yezinhlamvu ngamadoda angaziwa ephuma esikoleni ngoLwesihlanu.
UMnu Lindokuhle Madonsela (46) waseMnambithi, kuthiwa uthe ephuma ngemoto esikoleni ehamba nonogada wesikole, kwaqhamuka iToyota Etios yamvimbela, abebephakathi bavulela ngenhla-mvu.
Obehleli esihlalweni esiseceleni kwesomshayeli kuthiwa wehle waqonda ngqo emotweni ebiha-mba uMnu Madonsela, waqhubeka wamdubula kwaze kwaba uthulela khona lapho endaweni yesigameko.
Ekhuluma neLANGA uMnu Dumisani Madonsela ongumfowabo kamufi, uthi udutshulwa nje, ubesanda kubuya ekhefini lokugula njengoba wasinda edutshulwa ngoNhlaba (May) nyakenye wahlala izinyanga eziwu-6 eThekwini Hospital.
“Kasazi ukuthi ubenzeni baze bambulale njengoba naye ebesangene ikhanda ukuthi wayeze wa-dutshulwa nje kulokhu kokuqala, wayexabene nobani.
“Besingakaze sizwe ngisho kuthiwa kunombango wezikhundla lapho efundisa khona, akayena nomuntu obenezikhundla ezinyunyaneni.
“Kasazi ukuthi baze bamdubule, nje bebefunani. Ngesikhathi sifika endaweni yesigameko, imoto ibimbobombobo yizinhlamvu, yena udubuleke emlonyeni nasesiphundu.
“Bekungesona isibhamu esisodwa lesi abamdubule ngaso ngoba izinhlobo zamagobolondo ezinhla-mvu angaphezu kuka-20, abesakazeke yonke indawo,” kusho uMnu Madonsela.
Uthi okwamanje bebengakaziphothuli izinhlelo zokufihlwa kwakhe njengoba esesemakhazeni kahulumeni, bazovuka namhlanje bayomfaka kwawabo.
Umufi ushiye emhlabeni umkakhe, uMaZulu namadodakazi amabili okungeneminyaka yobudala ewu-10 no-8.
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthumele isitatimende uthi uMnu Kwazi Mshengu ongu-ngqongqoshe, udumele ngokubulawa kukaMnu Madonsela ngesihluku esinje.
“Sicela noma ngabe ngubani onolwazi ngalesi sigameko axhumane namaphoyisa, abenzi bokubi bajeze. NgoMsombuluko (namhlanje) sizothumela ithimba labeluleki bezengqondo esikoleni. sithi dudu emndenini ngokuhanjelwa yilungu lawo ngale ndlela,” kusho uMnu Mshengu esitatimendeni.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe icala lokubulala kodwa amaphoyisa abengakabophi muntu.
thandeka.ngobese@ilanganews.co.za