BHEKI NDLOVANA
UZITHELE kumalunda entathakusa yangeSonto owesilisa waseNanda, eThekwini, okuthiwa udubulane namaphoyisa abemfuna uthuli mayelana namacala okubulala nawokuzama ukubulala.
Ngokusho kukaBrigadier Jay Naicker, okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, lo mlisa oneminyaka elinganiselwa ku-26, udutshulwe ngamaphoyisa washona. Utholakale endaweni okukholakala ukuthi ubecashe kuyo, eLusaka, eNanda.
Mathathu amacala okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala okubikwa ukuthi ubefunelwa wona.
Echaza ngesigameko uBrig Naicker, uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela kule ndawo abecashe kuyo lo mlisa, amthole ehlome ngesibhamu, kwase kuba nokudubulana, okuyilapho emlahle khona ngenhlamvu. Kalikho iphoyisa okubikwa ukuthi lilimele kulesi sigameko. “Kutholakale i-9mm pistol engekho emthethweni,” kusho uBrig Naicker.
Sezijwayelekile KwaZulu-Natal izigameko ezifuze lesi lapho amaphoyisa eshaya enyameni kubasolwa abasuke bezingelwa ngamacala ahlukene. Yinqwaba yabasolwa esibulawe ngamaphoyisa eNanda ezinyangeni ezedlule. Ukubala izigameko ezimbalwa; ngoNhlangulana (January) nonyaka, amaphoyisa adubule abulala abasolwa abawu-6 abebethungathwa ngamacala abucayi. Kwesinye isigameko esenzeka ngoMfumfu (October) nyakenye, amaphoyisa abulala abasolwa abawu-5.
INanda idume ngokuba ngenye yezindawo ezihamba phambili eNingizimu Afrika ngamacala abucayi obugebengu, okubandakanya kuwo awokubulawa kwabantu nokudlwengula.