Ubulawe wacwiywa inhliziyo

1422

Ushumpulwe ikhanda, wasikwa amankwahla nesandla sangakwesokudla

NOMFUNDO NGWANE

KUDUMA amakhanda emndenini wakwaMaduna, KwaDabeka, eThekwini emuva kokutholakala kwesidumbu sendodana yawo sishumpulwe ikhanda, kwasikwa amankwahla, kwakhishwa inhli-ziyo nesandla sangakwesokudla. 

Isidumbu sikaMnu Mzikayifani Maduna (23) sitholwe ngeSonto ekuseni silahlwe ehlathini eliseduze nomfula kule ndawo. 

UMnu Sibongiseni Ngcobo, ongumlamu kamufi, utshele ILANGA ukuthi uMnu Maduna ubephazamisekile kancane emqo-ndweni, kodwa eyinsizwa ezitha-ndayo futhi engenalo udlame. 

“Ubeyingane ekhonze ukuzula. Kwesinye isikhathi uma sekumsu-kile ukugula kwakhe, obekumvuka ngezikhathi ezithile, bekuye kuphele izinsuku singamazi ukuthi ukuphi,” kusho uMnu Ngcobo. 

Uthi bagcine ukubona umufi ngeledlule ephile kahle, kanti ngisho omakhelwane endaweni bebazi ukuthi ubuye abe nokupha-zamiseka emqondweni. 

“Ngisho esenyamalele besisizwa ngomakhelwane, basitshele ukuthi ukuphi, sihambe siyomlanda. 

“Ubengeyena umuntu onodla-me, ubelungile, ubuze ubone ukuthi kukhona okungahambi kahle uma usuxoxa naye. Kangikaze ngibone umuntu ehlinzwe ngalolu hlobo. Sithole ucingo emalungwini omphakathi esibikela ngokuthola-kala kwesidumbu somuntu wesilisa abesola ukuthi ngesomlamu wami njengoba ikhanda belinge-kho. 

“Nebala sithe uma sifika nabafowabo, basivulela isidumbu sathola ukuthi kusikwe isitho sakhe sangasese, ikhanda, isandla sangakwesokudla, amathumbu aphumele ngaphandle. Bakhipha inhliziyo,” kusho yena. 

Uthi umlamu wakhe ubulawe-lwe kulona leli hlathi okuthola-kale kulo isidumbu, kwazise beku-gcwele igazi phansi kubonakala ukuthi bekulwiwa ngesikhathi ababulali bemhlinza. Izimpahla zakhe bezibekwe eceleni, obekwe-nza kucace ukuthi baqale bamkhumula ngaphambi kokumhlinza. 

“Siwumndeni sihlukumezeke kakhulu ngendlela abulawe ngayo. Siyabona ukuthi ababulali basebenzise ithuba lokuthi bayamazi ukuthi ugula ngomqondo. Le nto sihlale siyizwa ikhulunywa le kude, ngethukile uma sengiyibona yenzeka kumlamu wami. Kuyacaca ukuthi nathi kasiphephile uma kunabantu abahlalele ukugada abanye ukuze bezobabulala ngoba befuna izitho zabo,” kusho uMnu Ngcobo. 

Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi kutholakale isidumbu sowesilisa sicwiyiwe. Uthe ama-phoyisa avule icala lokubulala, bekungakaboshwa muntu.

Previous articleEdward Mothibi attributes Comrades victory to strong family support
Next articleUmfundisi uboshelwe ukudlwengula