Kuthiwa ubecikwa wukuthi ubezoya kolobola isinqandamathe esisha ngemali yakhe
NOMFUNDO NGWANE
IZINYEMBEZI zigcwale amehlo kowesifazane waKwaSwayimane onguthisha, obhekene necala lokubulala umyeni wakhe ngesikhathi ijaji eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu linquma ukuthi icala lakhe lilihlehlisela unyaka ozayo, obekuchaza ukuthi uKhisimusi noNcibijane uzokudlela esitokisini.
UNkk Jabulisile Zakwe, ubevele enkantolo ngoLwesine nabesilisa ababili abasolwa ngokuba yizinkabi zakhe, okunguMnu Sthabiso Thusi noMnu Lungani Maphumulo.
UMnu Thusi noMnu Maphumulo abasolwa ngokudubula babulale uMnu Muzikayifani Zakwe ngo-Lwezi (November) ka-2018, kulindeleke ukuba baphinde bavele namhlanje ngoMsombuluko enkantolo ukuze kuzonqunywa ukuthi sebekulungele ukuthi icala labo selingayoqulwa.
UNkk Zakwe onguthisha eHarburg Primary School, washaqwa ngamaphoyisa ngoNhlaba (May) omunye walaba besilisa waveza ukuthi wayethengwe nguyena ngo-R25 000 ukuba abulale umyeni wakhe.
Waveza ukuthi uNkk Zakwe wayekhala ngokuthi umyeni wakhe usefake incwadi yesehlukaniso futhi ufuna ukuthatha enye inkosikazi, uselinde ukuba kuphume ingxenye yakhe yempesheni (uNkk Zakwe) ukuze ezolobola ngayo.
Kuthiwa uNkk Zakwe wahlela noMnu Sibusiso Ntuli owayeyisoka lakhe naye owagcina ebulewe emuva kokushona komyeni wakhe ukuthi amtholele izinkabi ezizobulala umyeni wakhe.
UMnu Ntuli wamtholela uMnu Thusi ukuba amhlanganisele abantu abazokwenza umsebenzi. UMnu Zakwe wahlaselwa ngabasolwa esethaveni yakhe esegcekeni lakwakhe. Inkosikazi yakhe kuthiwa yayikhona kwenzeka lokhu.
Abasolwa kuthiwa benza isiqiniseko sokuthi bamshiya esethule, bashaya bachitha bengathathanga lutho. Emuva konyaka uMnu Zakwe ebulewe uphenyo lwamaphoyisa lwagcina luwaholele ekuboshweni kukaMnu Thusi noMnu Maphumulo okuthiwa bathi babethunywe nguNkk Zakwe ukuba babulale umyeni wakhe ngaphambi kokuba baphothule amaphepha esehlukaniso ukuze engeke ayi-thole imali yakhe yempesheni ayesegaqele ukuyolobola ngayo isinqandamathe sakhe esisha.
UNkk Zakwe ungene ebhokisini lofakazi ekhululekile, kodwa zajika izinto njengoba ebuyele emgodini esejabhile ijaji linquma ukuhlehlisa icala lakhe lathi selikulu-ngele ukuthi selingaqala ukuqulwa.
Amalungu omndeni kaNkk Zakwe aphume enkantolo abamba inguyazana encane ngaphandle kwenkantolo, ejabhile, ebalisa ngokuthi uKhisimusi uzowudlela esitokisini.
nomfundo@ilanganews.co.za