Ingoma iqoshwe uShenge esadla anhlamvana, kodwa bekulindwe alulame
bese edlalelwa yona esegubha ukuhlanganisa iminyaka ewu-95
MTHOBISI SITHOLE
WENZELE ukuhlonipha uMntwana waKwaPhindangene ngokuzibandakanya engomeni ehlanganisa nembangi yakhe. Umculi kamasikandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose, uthi ukucula engomeni eyodwa noMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele, ukwenze egameni loMntwana waKwaPhindangene iNkosi Mangosuthu Buthelezi. Utshele leli phephandaba ukuthi ngesikhathi iqoshwa e-studio, ubengenalo ulwazi lokuthi nalo (iGcokama) liyingxenye yayo. “Ngesikhathi kuqhamuka umbono wokuthi kwenziwe ingoma ngoShenge, bengingazi ukuthi naye ukhona, ngize ngathola sengiqedile ukucula, ngase ngibona ukuthi angingalwisani nokuqhakanjiswa kwamagalelo kaShenge. “Uyiqhawe lakithi elisebenze kahle kakhulu esizweni, lilwela inhlalakahle yesizwe KwaZulu, lingezwani nodlame nokulwa kwabantu.
Le ngoma beyiqoshwa ngezikhathi ezingafani, umculi nomculi ubefika ngolwakhe usuku afake iphimbo lakhe,” kusho uKhuzani. Ukuhlangana kwabo kudide abantu abaningi ngengoma kamasikandi okuboshelwe kuyona noThokozani “Somnandi” Langa, uSenzo “Ntencane “Zondi noMfiliseni “Mqabulasheshe” Magubane. Bakhiphe le ngoma isigubhukane. Okumangaze abaningi wukuzwakala kukaKhuzani neGcokama engomeni eyodwa njengoba eminyakeni edlule kwehluleke neziqumama sezibeke isiteki semali u-R1 million, ngenhloso yokuba laba baculi (uKhuzani neGcokama) baqophe ngokuhlanganyela emcimbini waMantshontsho kamasikandi eThekwini.
IGcokama kalithandanga ukuphawula ngale ngoma nokuhlangana kwabo. UMnu Sandile Dlamini owayelingisa uPhakade kwiMbewu, nguyena ohlanganise la maciko. Uthi bekubalulekile ukuthi amaciko akwenze lokhu egameni lokuhlonipha uMntwana waKwaPhingandangene ngoba ubengumhlanganisi wesizwe. Utshele leli phephandaba ukuthi le ngoma iqoshwe esaphila uMntwana, bekulindwe ukuthi alulame bese eyayizwa esegubha iminyaka ewu-95 edla anhlamvana. “Siyawazi amagalelo kaMntwana esizweni samaZulu, ukwenzile konke eqinisekisa ukuthi isizwe samaZulu siyahlonipheka, walwa elwela ubukhosi bakithi. Nangesikhathi kukhothama uMdlokombana, wenza okuningi eqondisa umlando wokubekwa kweSilo esisha, waxazulula zonke izinkinga ebezikhona esizweni,” esho.
Uthi ngaphambi kokuba le ngoma iqoshwe, uhlale naye phansi uShenge ngoNhlolanja (February) waqoqa umlando wakhe. Uveze ukuthi ubekwenza lokhu ngoba efuna ukuqopha iDocumentary. “Empeleni uMntwana waKwaPhindangene bekufanele ayizwe esaphila le ngoma, yingakho noma esekhotheme singayilungisanga kabusha, sayikhipha khona injalo,” kusho uDlamini. Uchaze uShenge ngokuthi ubuntu bakhe ubukhombise nakwamanye amaqembu ezepolitiki okubalwa ukunakekela umndeni kowayenguMengameli wakuleli ongasekho, uNelson Mandela ngesikhathi eboshiwe. Umculi kamasikandi uSomnandi uthi kunezikhathi zobunzima empilweni okuphoqayo ukuthi kubhekanwe nazo. Utshele leli phephandaba ukuthi nabo bengamaciko bakubeke eceleni okuyizinkinga zasemculweni, babeka phambili umlando omuhle kaMntwana esizweni.