Ubunzima obubhekene neSundowns kwiCaf

1298

Nokho kubuya abadlali bayo abamqoka

SENZO SOKHELA

UTEBOGO Langerman weSundowns uzoshaya ibuya koweCaf ne-Al Ahly.

IZINDABA ezimnandi kubalandeli beMamelodi Sundowns kubuya abadlali bayo abanesipiliyoni ngaphambi komdlalo omqoka weCaf Champions League.
IDowns izotholana phezulu ne-Al Ahly yase-Egypt emdlalweni womlenze wesibili we-quarter final yeChampions League ngoMgqibelo ngo-15h00 eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville.
IDowns iya kulo mdlalo nje, ibhekene nomqansa njengoba ihlulwe ngo-2-0 emlenzeni wokuqala obuse-Egypt.
Ukuze idlulele kwi-semi final yalo mqhudelwano kufanele okungenani inqobe ngo-3-0 okubukeka kuzoba nzima.
Nokho ezimnandi kwiDowns ngezokuthi izoya kulo mdlalo sekubuye uTebogo Langerman no-Anele Ngcongca abangawugijimanga umlenze wokuqala ngenxa yokulimala.
Ukubuya kwalaba badlali kuzokwenza ukuba iDowns iqine emuva ukuze ingavuzisi kalula amagoli.
UNgcongca kulindeleke ukuba avale indawo evuleke kulimala uThapelo Morena oyoze abonakale ngesizini ezayo. IDowns igijime umlenze wokuqala idonsa kanzima ophondweni lesokudla emuva njengoba ize yadlalisa umuntu ongajwayele ukudlala kule ndawo, uModjeka Madisha.
Ukubuya kukaNgcongca kubukeka kuzoyixazulula le nkinga.
IDowns kuzofanele ibhukule uma ifuna ukunqoba lo mdlalo njengoba i-Al Ahly ikhombisa ukuwufuna ngokweqile lo mdlalo. Le kilabhu yenze into engavamisile ukuyenza njengoba itheleke kuleli ngoMsombuluko kungazelele muntu ukuzoqala amalungiselelo alo mdlalo.
Kuvela ukuthi umqeqeshi wayo, uRene Weiler ongowokudabuka eSwitzerland osanda kuqashwa, ukubeke kwacaca ukuthi uyayifuna le nkomishi yingakho kufanele enze konke okusemandleni ukugudluza iSundowns.

Previous articleUgogo ubabaza ibhadi ‘ngabakugilwe’ wumzukulu wakhe
Next articleImvusela iminjunju “eyokujivazwa” kukaMshengu