Ubuyela enkantolo owokufika osolwa kwelokudlwengula abulale ingane

271

PHUMLANI GAMA

LIHLEHLISELWE umhla ka-17 kuMbasa (April) icala lowesilisa wokufika osolwa ngokunukubeza ngokocansi, abulale intombazanyana yaseMkhomazi ngeledlule. ULuyanda Nkomo (10), ufihlwe ngoMgqibelo emuva kokuba isidumbu sakhe sitholwe ngamalungu omndeni wakhe nawomphakathi ehlathini eliphakathikwemizi. Ubesenesikhashana enyamalele.

Uphenyo lwamalungu omphakathi luholele ekutheni kubanjwe owesilisa isisulu ebesigcine ukubonakala sinaye ngesikhathi esithuma esitolo esisendaweni. Amalungu omphakathi anikele endlini okuhlala kuyona umsolwa, okuthe uma efika khona ‘ambeka izandla’. 

Esaxoxa naye, kufike amaphoyisa amthatha umsolwa. Isenzo samaphoyisa sidine umphakathi wathungela ngomlilo izimpahla zikamsolwa. 

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Colonel uNqobile Gwala, uthe kuboshwe owesilisa ovele kafushane enkantolo, cala lakhe lihlehliselwe umhla ka-17 kuMbasa (April) kophezulu. 

phumlani@ilanganews.co.za

Previous articleIfaniswe nokubhokoda uZulu esiswini eyokwebiwa komgexo weSilo
Next articleAngase adedelwe elimele oweChiefs