THANDI ZONDI
UBUYELE “ekhaya” umlingisi osanda kushiya umdlalo kamabonakude, iHouse of Zwide, uVusi “Jack Mabaso” Kunene (osesithombeni) njengoba esezobonakala kwiGenerations: The Legacy agqama kakhulu kuyona isabizwa ngeGenerations, edlala indawo kaJack Mabaso. Ngeledlule ILANGA lixoxe nalo makadebona womlingisi oveze ukuthi kukhona umdlalo aya kuwona kepha ngenxa yenkontileka, ubengavumelekile ukuveza igama lawo (umdlalo).
Echaza ngeGenerations: The Legacy engxoxweni ake waba nayo neLANGA, wakuchaza ukuthi indawo kaJack Mabaso – okuyindawo ezomenza umuntu omubi – wayekade efisa ukuyilingisa. “Yindawo engangifisa ukuyoyilingisa, yenzeka ngizixoxela nje ne-agent yami, kwasekuba wukuqala kokubizwa kwami lokho. Baqala abantu bamxwaya uJack, ngabona lapho ukuthi ibambe ngakho,” esho.
Wabalula nokuthi le ndawo kayikaze iphume ebantwini, ngisho nasemgwaqweni bambiza ngoJack. Wathi kunendawo ake wayivakashela, wafike wathelelwa i-whiskey ngoba nakhu uJack wakwiGenerations ephuza.
UMfundi Vundla ongumbhali weGenerations: The Legacy ukhiphe isitatimende wathi: “UVusi Kunene ungomunye wabalingisi abanekhono eliyisimanga. Uzoqhubeka nokwenyusa izinga lezikaqedisizungu kumabonakude eNingizimu Afrika nangaphandle, esikhumbuza ngeGenerations yodumo.” Abalo mdlalo bathi ukubuya kukaJack Mabaso kuzokwenza ababukeli bangafisi ukususa amehlo abo kumabonakude.
UKunene – elingangatshazwa ikhono lakhe kwezokulingisa – waziwa emidlalweni okubalwa kuyo iThe Line, Generations, Isibaya neHouse of Zwide.