SENZO SOKHELA
UMQEQESHI wamaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, ubuyisa abadlali abebefakwe ohlwini lwabaxoshwayo kule kilabhu. USuthu ludedele inqwaba yabadlali ekuqaleni kwesizini okubalwa kubona uXola Mlambo, uLuvuyo Memela, u-Augustine Mulenga, uSiphelele Mthembu, u-Abraham Majok, uHendrick “Pule” Ekstein (osesithombeni) no-Thabo Qalinge ukukha nje phezulu. Nokho uQalinge no-Ekstein ba-golozile ukuhamba njengoba kuthiwa bebekhala ngokuthi basenezinkontileka nale kilabhu, ngakhoke kabayi ndawo uma benganikwa imali yabo iphelele.
USuthu lube selubashovela esikimini esincane salo ukuba bajime naso kwazise umqeqeshi obekhona ngaleso sikhathi, uBrandon Truter ubengabadingi. Bebehola bejima nesikimu esincane sale kilabhu. Nokho njengoba sekufike uFolz njengomqeqeshi omusha wale kilabhu, kuvela ukuthi ucele ukubabonela eduze. Kuthiwa u-Ekstein useqalile ukujima nesikimu esikhulu kodwa uQalinge ubengakaqali ngoba ube ngakabuyi ejimini. Izindaba zokubuyiswa kwalaba badlali ziqinisekiswe nguBrilliant Mkhathini wezokuxhumana kumaZulu. “Kuyiqiniso ukuthi u-Ekstein usebuyisiwe eqenjini elikhulu, uqalile ukujima nalo kanti uQalinge kulindwe ukuba abuye naye besejima nesikimu esikhulu ngoba umqeqeshi ucele ukubabonela eduzane,” kusho uMkhathini. Leli phephandaba lithole ukuthi uFolz uphinde wabuyisa uSibongakonke Ndlovu odlala esiswini, obebolekiswe kwiCape Town All Stars egijima kwiMotsepe Foundation Championship. Lo mdlali ukhulele enkulisa yalo uSuthu.