ubuyiselwe ngo-elethu kwese-irb

829

NHLANHLA HUDLA

UBUYISELWE ngo-elethu esikhundleni sakhe uBill Beaumont (osesithombeni) ongusihlalo we-Rugby Football Union okuyinhlangano elawula ibhola lombhoxo emhlabeni.

UBeaumont wase-England uzo-hlala iminyaka emine kulesi sikhundla asesiqhoqhobale iminyaka njengoba angena kusona ngo-2016.

Unqoba nje, ubemiswe kabi ngu-Augustin Pichot wase-Argentina obegaqele lesi sikhundla. 

Ekhuluma emuva kokumenyezelwa kwakhe ngoMgqibelo, ukubeke kwacaca ukuthi isikhathi sokujabula kasikho njengoba umhlaba ubhekene nobhubhane lweCovid-19. 

Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo eminingi imisiwe emhlabeni ngenxa yalesi sifo.

Nokho ukuqokwa kwalo makadebona cishe kuzokhuphula amathemba okuqhubeka nokwenza kahle kwale nhlangano. 

Nakuba bebekhona abebegaqele lesi sikhundla kodwa kubukeka kuzoyisebenzela le nhlangano nje-ngoba isimo simanzonzo. 

Empeleni abukeka emancane amathuba okuba imidlalo yanonyaka iphothulwe ngenxa yalolu bhubhane.

Imidlalo yeVodacom Super Rugby bekumele isongwe ngomhla ka-20 kuNhlangulana (June) bese kulandela eyamazwe ngoNtulikazi (July) okubukeka kuzoba nzima ukuba lokho kwenzeke nonyaka.

Uma ingagcina ingadlalwanga imidlalo yamazwe, ngabalandeli beqembu lesizwe lakuleli, Ama-Bhokobhoko abangafa olwembiza kwazise leli qembu lagcina ukugijima umdlalo ngoLwezi (November) nyakenye libhekene ne-England kowamanqamu we-Ndebe yoMhlaba ye-IRB owawu-seJapan. 

Sekuwumlando ukuthi elakuleli layinqoba le nkomishi.

Previous articleisilomo sase-brazil sichitha eyokujoyina i-juventus yase-italy
Next articlebafuna kushushiswe isikhulu ‘esidlale injeje’ kwi-sascoc