Sebemfuna ngenkani ezintini uKhune
SENZO SOKHELA
UCASULWE yisenzo sabalandeli u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi we-Kaizer Chiefs njengoba ekholwa wukuthi siwukungabahloniphi abanye abadlali.
UMiddendorp ekhuluma nabezindaba emuva kokuba ezakhe zinqobe iCape Town City ngo-2-1 kowe-Absa Premiership ngoLwesibili eCape Town, uzwakalise ukucasuka ngesenzo sesigejana sabalandeli bale kilabhu abamemeze igama lika-Itumeleng Khune ongunozinti wokuqina obehleli ebhentshini kulo mdlalo, kuvimbe uDaniel Akpeyi.
Isenzo salaba balandeli sitolikeke ngokuthi bamfuna ezintini uKhune, hhayi u-Akpeyi.
UKhune usanda kubuya ekulimaleni njengoba ehlale cishe izinyanga eziyisishiyagalombili engadlali ngenxa yokulimala ehlombe.
“Ngijabule ngalo mphumela kodwa nginokucasuka okuncane ngesenzo sabalandeli bethu. Umdlalo unemizuzu embalwa uqalile bavele bamemeza bethi Khune. Le nto iwukungabahlo-niphi abanye abadlali.
Liyeza elakhe ithuba, isikhathi sakhe sizofika. Kangiyithandanga ngempela le nto abayenzile,” kusho uMiddendorp.
Uthi ezakhe bekufanele ziwunqobe lo mdlalo kwazise zidlale ibhola elihle, ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.
“Ngokwami bekufanele siwathole womathathu la maphuzu. Phela ngesiwombe sesibili sidlale ngokukhulu ukuzinikela.
“Ngeke nangengozi ngikungabaze ukuzinikela kwabadlali bami.
“Kuyazicacela ukuthi mkhulu kangakanani umehluko uma kuqhathaniswa iqembu lethu la-ngale sizini nelangedlule. Njengoba siya ekhefini nje, sizozama ukulungisa izinto ezincane,” kusho uMiddendorp.
IChiefs iqhubekile nokujabulisa abalandeli bayo ngokuqoqa amaphuzu amathathu ngamagoli abhakuziswe enethini nguDaniel Cardoso noKearyn Baccus iguqisa iCity ngo-2-1.
UMiddendorp akayena umqeqeshi wokuqala ukukhala ngesenzo esicishe sifane sabalandeli kwazise noStuart Baxter wayecikeka kakhulu uma abalandeli beChiefs behhewula uKingston Nkhatha obeyisethenjwa somgadli wale kilabhu inqoba iligi ngaphansi kuka Baxter ngo-2015.