ucathanyelwa eyasegoli owe-arrows

775

SENZO SOKHELA

UCATHANYELWA yikilabhu enkulu yaseGauteng umdlali weLamontville Golden Arrows ogila izimanga emuva kule kilabhu. 

ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi i-Arrows ingase ihlafune enhle imali njengoba kuvela ukuthi iMamelodi Sundowns ifuna uthuli uNkosinathi “Bhodlela” Sibisi (osesithombeni) odlala emuva kule kilabhu. 

USibisi ukhulele esikhungweni se-Arrows kwaze kuba unyukela esikimini esikhulu sale kilabhu ngesizini eyedlule. 

Nokho selokhu eqale ukudlala esikimini esikhulu udlala ingcwe-nga yebhola njengoba ezitamuzela nemiklomelo yomdlali ovelele. 

Leli phephandaba lithole ukuthi iDowns imfuna uthuli lo mdlali. 

“UPitso Mosimane ongumqeqeshi weDowns umthanda ukufa lo mfana yingakho emfuna. 

“Uthanda ukuzinikela kwakhe nokuthi ukwazi ukudlala ezinda-weni eziningi futhi angabi nankinga.

“Kuvalwe esebeke itshe le mali azomthenga ngalo kwi-Arrows,’’ kusho umthombo. 

USibisi ebuzwa yileli phephandaba ngalolu daba uthe: “Engingakusho nje wukuthi lezi zindaba ongibuza ngazo zintsha kimina ngiqala ukuzizwa ngawe. 

“Ngiphethwe yiProsport International ngakho-ke ibingakangitsheli lutho mina. 

“Okunye ngisanenkontileka ne-Arrows okusho ukuthi ongifunayo kufanele akhulume nayo,” kusho lo mdlali. 

“Imizamo yokuthola uhlangothi lweSundowns iphunzile njengoba ucingo lukaTrott Moloto osebenza ehhovisi likaMengameli weDowns nelo mqeqeshi uMosimane bezikhala kodwa zingabanjwa. 

Previous articleI-Chiefs nePirates kowokulwa neCovid19
Next articleunovalo umqeqeshi ojikiswe e-afrika