UCele “ubhodlele” kuZimdollar kungcwatshwa iphoyisa

325

LUCKY CAIN 

UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele, ukhwele wadilika kumsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela ngeSonto enkonzweni yomngcwabo wephoyisa eladutshulwa ngeledlule eNtuzuma, uWarrant Officer Sithembiso Mazibuko. 

Le nkonzo ebiKwaMashu, beyihanjelwe nguCele, yizikhulu zamaphoyisa, ozakwabo bakamufi abangamalungu eNational Intervention Unit (NIU) namalungu omphakathi. 

Ekhuluma kule nkonzo uCele, ukhwele wadilika kuZimdollar ngenkulumo ayenza emoyeni egxeka iNIU, elusola
ngokuba ngaphezu kwengalo yomthetho nokwesatshwa kwalo. 

Lo msakazi waba sematheni ngale nkulumo ayenza ngemuva kokuba lolu phiko ludubule lwabulala uMnu Nkululeko Mkhize waseRichards Bay emzini ayewuqashile eZimbali Estate, eBallito. 

Kwabikwa ukuthi kwaba nokudubulana phakathi kukaMkhize namaphoyisa, wagcina esale enkundleni nonogada wakhe. 

Ngemuva kwalesi sigameko, uZimdollar – ohlelweni lwakhe lwasemini kulo msakazo alwenza ngokubambisana noKing Sifiso, oluthi Dankie 12-to-3 – wagxeka amaphoyisa. 

UCele uthe kunentombazane okuthiwa nguZimdollar, eyahamba “yayokhonkotha” emsakazweni. 

“Wakhonkotha izinto azithandayo, wathi yena wafelwa ngabafowabo, akachazanga ukuthi bafa kanjani bebulawa ngamaphoyisa. 

“Wathi iNIU iyesatshwa, esho nina, uma kufika yona abantu bayayesaba,” kusho uCele. 

Uthe njengoba lo msakazi ayegxeka ukusebenza kweNIU, makajabule ngokuthi sekubulewe uW/O Mazibuko, ebulawa yizigebengu, esemsebenzini. 

Uqhube wathi akakezwa ukuthi iSABC ithini ngenkulumo yalo msakazi njengohlaka lombuso. 

“Akachazanga ukuthi abafowabo benzani. Sizonichazela ngelinye ilanga. Makangasebenzisi umsakazo ukuvikela izigebengu. 

“Makangasebenzisi umsakazo ukuba ngumkhulumeli wezigebengu,” kusho uCele.

Kulesi sigameko okwadutshulwa kusona uW/O Mazibuko, kwafa nabasolwa abane – okungababili besifazane nababili besilisa. 

Kubikwa ukuthi amaphoyisa alolu phiko alunywa indlebe ngezigilamkhuba ezazihlukumeza umphakathi, zibamba inkunzi zigqekeza nemizi yabantu. 

Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini okwakukhona kuwona abasolwa, kuthiwa abingelelwa ngezulu lezandla. UCele unxuse amaphoyisa ukuba aqinisekise ukuthi izigilamkhuba kazikutholi ukuphumula. 

Uthe angesabi ukusebenzisa izinsiza zawo ukulwa nobugebengu. 

Okhulumela iSABC, uNkz Mmoni Seapolelo, uthe bayaludingida udaba lukaZimdollar nazo zonke izinhlaka ezithintekayo. 

Udlulise ukuxolisa ngenkulumo yalo msakazi. 

www.ilanganews.co.za

Previous articleIsiteleka sinwebe umnkenke ezinyunyaneni zezisebenzi
Next articleAbe-IFP banxuswe ukufuza amalungu ebandla labaPhostoli