Ucele uxolo osolwa ngokufa kwezinyane leSilo

929

INTATHELI YELANGA

UCELE uxolo ngesikhathi ephuma ebhokisini eNkantolo yeMantshi yaseRandburg izolo ngoLwesithathu, owesifazane ongomunye wabasolwa ngokubulala izinyane leSilo, uLethukuthula Zulu (50), elabulawa ngenyanga edlule emzini walo oseNorthwold, eGoli. 

Ngokombiko ophume kwiTimeslive, uNkz Portia Mmola (28), kuthe esebanjiwe eseyongena ezitokisini, wezwakala exolisa ’emndenini waseNdlunkulu kaZulu’. Kuleli cala kwaboshwa uNkz Tshegofatso Moremane (30), uNkz Margaret Koaile (42), uNkz Portia, uNkz Gontse Tlhoele (30) noMnu Dakalo Mbedzi (32). 

Kakucaci noma umndeni wase-ndlunkulu uzwile yini ngesikhathi uNkz Mmola ekhuluma nawo ngoba kubo bonke abomndeni abebesenkantolo, akekho omphendulile. Ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili, uMshushisi Yusuf Baba,  efunda incwadi yomphenyi wecala efungelwe, uSgt Mokwena Mojapelo, uthe uNkz Moremane Mojapelo naye uthe lo mmangalelwa wake wavuma futhi ukuthi wathatha u-R700 owawukwi-microwave kaMntwana Zulu. 

“UKoaile waqamba amanga ukuthi akakaze agwetshwe njengoba kunobufakazi obuqanda ikhanda bokuthi ngo-2002 wake waboshwelwa ukubamba inkunzi, wagwetshwa izinyanga eziwu-6 ebhadla ejele. Kuyabonakala futhi ukuthi wake wagwetshelwa ukuntshontsha imoto, kunobufakazi beminwe obukhomba ukuthi uyathinteka kuleli cala elenzeka eLiphalale, eLimpopo. 

“Uzivumele ukuthi wafika eRandburg eyozama ukwenza imali. Bebjwayele ukuba baye ezindaweni zokucima ukoma bayobheka abantu besilisa abazobachutha. Wathi uma sebemtholile lowo wesilisa, baye bamcele ukuba ahambe nabo aye kwakhe bafike balale naye. Ozolala naye, uzobe ezofaka isidakamizwa esiphuzweni salowo wesilisa ukuze adakwe alale bese bethola ithuba lokuntshontsha imali nezinto ezisebenza ngogesi zasendlini. 

Umntwana bamfakela i-Eye gene abamdaka ngayo bathatha u-R3 000, i-microwave, i-laptop nejakhethi,” kusho le ncwadi efungelwe. USgt Mojapelo uthi uNkz Mmola wayenamaphilisi okulala esikhwameni ngesikhathi behlangana noMntwana Zulu ekubeni uNkz Moremane yena waveza ukuthi banika uMntwana Zulu amaphilisi awu-5 base benika umngani wakhe amabili. 

USgt  Majapelo uthi kazikho izidakamizwa ezatholwa endlini yomntwana, kodwa uNkz Koaile watholwa enamaphilisi awu-8 esikhwameni sakhe ngesikhathi beboshwa. Isinqumo ngesicelo sebheyili sizokwethula ngoMsombuluko.

Previous articleUvuma ingcindezi umqeqeshi weBucs
Next articleSikhulu isililo ngoGee Six Five