UCele uxwayise abahlasela amaphoyisa

653

INTATHELI YELANGA

WEXWAYISE abahlasela amaphoyisa uma enza umsebenzi wawo uMnu Bheki Cele ongungqongqoshe wamaphoyisa ngesikhathi ekhuluma mayelana nezinhlelo zokulwa nobugebengu esigcawini sabezindaba ePretoria. “Siyabuka futhi siyexwayisa ukuthi labo abahambisana nezigebengu nabo bazothathwa njengezigebengu,” kusho uMnu Cele.
Uthe kunabantu abathile nezinkampani zabezindaba ezisetshenziswa ngabathile.
Uphawule ngomsakazi wesifazane angambizanga ngegama, wathi uhlasele amaphoyisa abenza umsebenzi wawo.
“Kuzovela maduze ukuthi kungani ebenza lokho,” kusho uMnu Cele.
Kuyaziwa ukuthi umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela nguyena ohlabe wahlikiza amaphoyisa emsakazweni ngesonto eledlule, ewagxeka ngokubulala abantu kujike kuphele kanjalo. Ubephawula maqondana nesigameko sokudutshulwa kubulawe uMnu Nkululeko Mkhize, edutshulwa yiwo amaphoyisa.
UMnu Cele uthi kabasho ukuthi amaphoyisa kawalenzi iphutha, kodwa kunabantu abalwa nawo nomsebenzi wawo.

Previous articleIsililo “kugoduka” umsunguli weMishini yaKwaSizabantu
Next articleOmama Mabazivikele Izingane Bafike Nazo Emshadweni