LUCKY CAIN
UFUNA ukukudlulisa emqondweni wakhe aqhubeke nempilo okwenzeka kuyena owesilisa ovunwe yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu odabeni lokuboshwa ngokungemthetho njengoba inqume ukuthi kumele uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnu Bheki Cele (osesithombeni), ngokwesikhundla sakhe amkhokhele u-R3,3 million.
UMnu Mdunyiswa Mtolo waseMgungundlovu, uvunwe yile nkantolo kulandela ukuboshwa kwakhe ngo-2011 ngecala angalenzanga, wagqunywa iminyaka engaphezulu kwemibili ejele. Waboshwa esebenza njenge-boilermaker kwenye yezinkampani eMgungundlovu. Washaqwa ngamaphoyisa esemsebenzini ngoMandulo (September) ka-2011 esolwa ngokugqekeza emzini thizeni nokwebiwa kwemoto.
Wancishwa ibheyili ngenxa yokuthi ngaleso sikhathi amaphoyisa aveza ukuthi wabanjwa oqotsheni esemotweni eyebiwe. Ngemuva kokuboshwa kwakhe, kwavela ukuthi wagqunywa ubusuku obune eziteshini ezimbili zamaphoyisa, khona eMgungundlovu, kodwa lokho akushicilelwanga ngamaphoyisa ayembophile.
Kuvela ukuthi uMtolo wahlukumezeka kanzima ngesikhathi eboshwa, njengoba wagxavunwa ngamaphoyisa phambi kozakwabo, abambona njengesigilamkhuba. Kuvele ukuthi waboshwa iminyaka engaphezulu kwemibili ejele laseNew Prison, eMgungundlovu.
Kuthiwa isimo sasingesihle ngesikhathi uMtolo egqunywe ejele njengoba wayelala ngengubo eyodwa, kanti ukuze angadlwengulwa, waphoqeleka ukukhokha u-R500 nogwayi njalo ngenyanga.
Ubhekane nezimo ezingezinhle ejele njengoba eveza ukuthi wake wapotozwa izinqe ngesinye isiboshwa. Lithula isigwebo iJaji Robin Mossop, lithe akungabazeki ukuthi uMtolo wahlukumezeka kakhulu ngesikhathi esejele njengoba wagcina ezizwa engenamandla okuzilwela.
Ligweba, linqume ukuthi ungqongqoshe akhokhele uMtolo u-R3 million ngokuboshwa nangokugqunywa kwakhe ejele ngokungemthetho, u-R300 000 ngokwehlelwa yisithunzi no-R67 200 ngokulahlekelwa wumholo. Liphinde lanquma nokuthi ungqongqoshe akhokhe izindleko zecala.
Ekhuluma neLANGA ummeli kaMtolo, uMnu Mbongeni Mathonsi, uthe bagculisekile ngesinqumo senkantolo, okumqoka manje wukuthi ikilayenti lakhe liqhubeke nempilo, lidlulise lesi sigameko njengoba salihlukumeza kakhulu.
Uthe uMtolo ufisa ukunikezwa isikhathi sokuqhubeka nempilo yakhe ngaphandle kokulokhu evela kwabezindaba ngalolu daba. Usole uhulumeni ngokudonsa izinyawo, okwenze leli cala lithathe isikhathi eside, njengoba kuthathe cishe iminyaka ewu-8 ukuze bathole ubulungiswa. Okhulumela ungqongqoshe, uLirandzu Themba, uthembise ukuthola kabanzi ngalesi sinqumo ngaphambi kokuba aphawule.