Uchashwe ngenhlamba oweChiefs

447

Abalandeli bathi le kilabhu iyamehlula u-Arthur Zwane

U-ASHLEY Du Preez weKaizer Chiefs exinwe nguMakhehleni Makhaula wamaZulu FC emdlalweni weMTN8, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, izolo ngeSonto. USuthu ludlulele kowamanqamu. BACKPAGEPIX

SENZO SOKHELA

UCHASHWE ngenhlamba umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Athur Zwane yehluleka ukungena kowamanqamu weMTN8. IChiefs ibambane ngo-0-0 namaZulu FC emlenzeni wesibili we-semi final izolo ngeSonto ntambama eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kube wu-1-1 sekuhlanga niswe yomibili imilenze, kwadlula uSuthu ngenxa yegoli olulishaye ekuhambeni. Ukuphuma kweChiefs kulo mqhudelwano kushoukuthi l isaqhubeka ishobolo leminyaka ewu-7 le kilabhu inganqobi lutho. Abalandeli beChiefs abebephume ngezinkani kulo mdlalo, baphume bethukuthele bemusho ngalo lonke uhlobo lwenhlamba umqeqeshi wayo uZwane, belibeka ngesihloko elokuthi abasamufuni ngeke ayenzele lutho le kilabhu, ingaphezulu kwakhe.


USuthu luzibeke ethubeni elihle lokugubha iminyaka ewu-90 ngenkomishi njengoba luzobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu ngomhla ka-5 ngenyanga ezayo khona eMabhida. Umdlalo wayizolo uqale ngegiya eliphansi kubonakala ngokusobala ukuthi lamakilabhu ayesabana. Nokho uSuthu yilona oluthole amathuba angcono ngesiwombe sokuqala. Ngesiwombe sesibili, iChiefs iqale ngomkhulu umfutho kubonakala ukuthi iyabona ukuthi indlela ebheke ekuphumeni kulo mqhudelwano iyavuthwa. Nakuba ibicindezela kodwa bekunzima ukugqobhoza udonga loSuthu. Amaphoyisa nabaqaphi bodweshu batshalwe bazungeza inkundla yonke begade uthuthuva olungase lusuke. UGeorge Maluleka, oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo, ubonge abalandeli boSuthu ngokubeseka.

Previous articleIBIZOQEDELA IZIFUNDO ZOBUMELI ENYE YEZINTOMBI ZEPHOYISA
Next articleKucetshiswe abaka-matric ngezimbangela zokufeyila