Uchashwe ngenhlamba umqeqeshi wePirates

835

Abalandeli baphendukele nesitobha seBucs bethi masiyishiye ikilabhu

SENZO SOKHELA NOMFANAFUTHI NDLOVU

w-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer ochashwe ngabalandeli ngenhla-mba emuva kokuba le kilabhu iphinde yabhuquzi-swa yiSundowns ngo-3-0 koweligi izolo ngeSonto e-Orlando Stadium. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UCHASHWE ngenhlamba ngabalandeli bathi kufanele ahanjiswe umdlali we-Orlando Pirates nomqeqeshi wakhe okuvele kwacaca ukuthi sebenuka iqaqa kubalandeli bale kilabhu. 

IBucs iguqiswe ngo-3-0 yiMamelodi Sundowns koweDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama e-Orlando Stadium, eSoweto. 

Amagoli eDowns avalelwe enethini nguRicardo Nascimento obekuyiphenathi ayishaye ngomzuzu ka-58, uPeter Shalulile ngoka-76 nelikaLyle Lakay ngoka-80. 

UThulani Hlatshwayo odlala emuva kwiBucs wenze adume ngakho enza iphutha emuva egolini lesibili ezama ukulidlala kodwa bamphuca, uShalulile walibeka enethini. 

Emuva kwalokho iDowns bese izenzela. 

Abalandeli beBucs emuva komdlalo bashiye abangalazi kuHlatswayo, bemchapha ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana belibeka ngesihloko elokuthi akahambe kade aqala ukubadlisela. 

Nomqeqeshi wakhe ngokunjalo uJosef Zinnbauer bathi akahambe, isimhlulile iBucs futhi sebecacelwe ukuthi akazi lutho. 

UZinnbauer ukhale ngamaphutha abawenze emuva wathi yiwona abenzele phansi. 

UManqoba Mngqithi ololonga iDowns uthi konke kuhambe ngokohlelo.

* IRichards Bay ibuyele esicongweni seGladAfrica Premiership iguqisa ngo-3-2 iTuks koweligi izolo ngeSonto ntambama eMhlathuze Sports Complex. 

Amagoli eBay ashaywe nguBayzel Goldstone amabili noThabani Dube, kwathi aweTuks wona ashaywa nguSamuel Julies obekuyiphenathi nguTumisang Mashele.

* Imiphumela yeDStv Premiership ihambe kanje:- Tshakhuma FC 1,  Leopards 2; SuperSport 1, Baroka1;  Celtic 2, Chiefs 2; Galaxy 1, CPTCity 0;  Golden Arrows 0, AmaZulu 1, Chippa UTD 1, Stellenbosch 0; PMB United 1, Swallows FC 1.

* Imiphumela yemidlalo yeGlad-Africa Championshi ihambe kanje:- Callies 0, CPT All 0; Bay  FC 3, Tuks 2; Free State 3, Sporting 4; CPT Utd 1, JDR 0; Polokwane 1, CPT Spurs 0; Steenberg 1, Royal AM 2; Cosmos 1, Bizana 0.

* Isiyonke imidlalo yeGladAfrica Championship emaphakathi nesonto imi kanje:-

NGOLWESIBILI

EParow Park: Cape Town Spurs vs Royal AM 15h00.

EGiant Stadium: JDR Stars vs Jomo Cosmos 15h00.

NGOLWESITHATHU

EBidvest Wits: Pretoria Callies vs Sekhukhune United 15h00.

EKing Zwelithini: Bizana Pondo Chiefs vs Cape Town All Stars 15h00.

Kabokweni: TS Sporting vs Richards Bay FC 15h00.

EGoble Park: Free State Stars vs Steenberg United 15h00.

EParow: Cape United vs Polokwane City 15h00.

EPrincess Magogo: UThongathi FC vs University of Pretoria 15h00.

Previous article29 April 2021
Next articleZisagcwele amathafa iziboshwa (15) ezeqile