Uchazwe njengomgulukudu “obulale” udadewabo emsola ngokuqoma

429

NONHLAKANIPHO SHINGA

UCHAZWE njengomgulukudu obuhlalise lubhojozi umndeni wakhe owesilisa waseMahlongwa, ngaseScottburgh, osolwa ngokushaya abulale udadewabo ngempelasonto, emsola ngokuthi ulale nomngani wakhe. 

   Kuthiwa uSkhumbuzo Mbambo (19), uqede ukubulala uNkz Ntombenhle Mbambo (23), waphoqa abazali bakhe ukuba bamlekelele, amngcwabe ngalelo langa. 

 Ngokuthola kweLANGA, lesi sigameko senzeke phambi kukaNkz Lindiwe Mbambo (osesithombeni) ongunina walezi zelamani, othi uthe uyalamula, indodana yakhe yathi izolandelisa ngaye uma eke wakhuluma.

“Ngiphaphame ngezikhathi zasekuseni ngoMgqibelo eshaya udadewabo ngenduku, emgijimisa igceke lonke, ngathi ngiyabuza ukuthi kwenzekani, wamsola ngokuthi ulale 

nomngani wakhe emasontweni amathathu edlule. 

“Ngithe ngisaxakwe yilokho, walanda ipulangwe elikhulu wamqoba ngalo ephindelela. Uyishaye ingane yami yaze ya-ngakwazi nokubaleka, ethi uyifundisa isifundo,” kusho uNkz Mbambo. 

Uthe indodakazi yakhe ingene endlini isiphelelwe ngamandla, yaphelela ezandleni zakhe emuva kokuba ithe icela ayigibelise embhedeni.

“Ufike waguqa phambi kwami, waphefumula okokugcina, washona,” kusho yena.

“Sihlale usuku lonke endlini nesidumbu silinde kuhlwe bese siyasingcwaba. nakhona ubelokhu ethi akazi ukuthi kwenzekeni, kodwa uma sike satshela abanye abantu, uzosibulala sinoyise. 

“Ngenhlanhla kube khona abasolayo ukuthi kukhona okwenzekile, bazisa izihlobo ngoba bazwile ngesikhathi kunomsindo eshaya udadewabo,” kusho unina kamufi.

Uthe ngisho sekufike izihlobo, nguyena umfana wakhe osho kuqala ukuthi udadewabo akagulanga, uvele washona ngemuva kokuphathwa yikhanda.

Kuvele ukuthi umsolwa abazali bakhe ubebaphilisa kanzima, ebenza izigqila zakhe njengoba kuthiwa ubebaqhuba, athi mabayofuna amatoho, yena ahlale ngaphandle abheme insangu ngesikhathi ebalindile. Kuthiwa ubebaphuca imali, ayidle yedwa.

“Le ngane ayibulele yiyona ebeyikwazi ukusinakekela, iphinde iyofuna amatoho isondle, yena ayidle yonke imali yempesheni kababa walapha ekhaya . Ubulele mina uqobo ngale ngane,” kusho uNkz Mbambo.

Amanye amalungu omndeni athe afisa umsolwa abolele ejele, yikhona abazali bakhe bezokwazi ukwelulekwa ngo-kwengqondo nangalokhu abakubonile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, uthe umsolwa uboshiwe ngoLwesithathu ngecala lokubulala udadewabo. 

“Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduze,” esho.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

Previous articleUthi uzogonyuluka emuva komngcwabo umndeni wobulawe ngamaphoyisa
Next articleKugqugquzelwe ubumbano emcimbini wamasiko