Uchitha eyokulahlekisa umshana wakhe ngoxhaso

302

MTHOBISI SITHOLE

USOLA ukuboshelwa amanqina enyathi, kulandela ukungatholi komshana wakhe uxhaso umthwebuli ozakhele udumo ngesithombe asishuthe umshana wakhe ngonyaka odlule. UMnu Lungisani Mjaji waseHarding oshuthe umshana wakhe uNkz Lethukuthula Mjaji (4) isithombe ephethe isinkwa sakwa-Albany nesinye samaCorn Flakes akwaBokomo, uthi usola ubugebengu bokuthi kungenzeka kukhona ovule i-Account ngegama lakhe, wafuna imali kwabakwa-Bokomo Corn Flakes.

Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi enkulumweni yabo yezivumelwano nale nkampani, ubelindele ukuthi ithumele umuntu ozonikeza ingane (uLethukuthula) amaCorn Flakes unyaka wonke. Uveze ukuthi kumthusile okusabalale kwabezindaba ngokuthi ufune imali kule nkampani, kwase kuchithwa ukunikezwa kwengane amaCorn Flakes obese kuvunyelenwe ngakho.

Ngokwephepha lesingisi iSunday World, libike ukuthi abakwaBokomo Corn Flakes bakuhoxisile ukuhlinzeka ingane ngomkhiqizo wabo ngoba uninalume wayo wayesecela ukuba inikezwe imali ekubeni babevumelene naye ngokuthi bazoxhasa ngomkhiqizo.

“Mina bengilokhu ngilindele ukuba kulethwe umkhiqizo ekhaya njengoba sasithembisene nabo. Kuthe uma ngibona kungasenzeki ekubeni babecele ukuba ngibathumelele ikheli lasekhaya, ngabhala i-email ngibuza nakuba bengayiphendulanga. Ngidumalile uma sengibona ezindabeni bethi mina ngifune imali, yingakho beshintshe umqondo. Azikho izingxoxo engazenza nabo ezithinta imali,” kusho uMjaji.

Uthumelele leli phephendaba ingxoxo yabo ebekade benayo nabakwaBokomo ngoba ethi ufuna ILANGA Lempelasonto libe nobufakazi ngesivumelwano abasenze nale nkampani.
Uthi emuva kokuba kuzwakale izindaba zokuthi ingane izoxhaswa ngalo mkhiqizo, abakwaClover inkampani yobisi, yanikela ngobisi nayo.
“Ubisi bese lufikile, ngaze ngabuza ukuthi kanti alethwa nini amaCorn Flakes,” esho.

Uveze nokuthi awukho umhlomulo otholwe umshana wakhe kwabakwa-Albany.
“Emhlanganweni wethu nabo, bathe lesi sithombe asihambisani nezinhloso zomkhiqizo wabo. Bathi ingane isendaweni engcolile, isithombe asikhombisi impilo, base bengeluleka ngokuthi kufanele ngisebenzisane nama-egent abo uma ngifisa ukusebenzisana nabo,” kusho uMjaji.

UMjaji wenza unyaka wesithathu kwiCommercial Photographer, eTshwane University of Technology. Ngesikhathi eshutha lesi sithombe esisabalale ezinkundleni zokuxhumana, sathandwa ngabantu abaningi, wasithatha lesi sithombe enza umsebenzi wesikole obekufanele bashuthe bakhombise ubuciko obuthile.

Ukungahlomuli kwengane, kudine abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana, besola lezi zinkampani ngokungabi nalo iqiniso. UMnu BI Phakathi owaziwa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngokupha abantu imali, ubhale ekhasini lakhe lenkundla yezokuxhumana, wathi uzimisele ngokunikelela uLethukuthula ngo-R10 000.
mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKunzima ukukhuthaza ukonga imali kulo mnotho wakuleli ontengayo
Next article8 april 2024