uchitha eyokushintshana ngabadlali owe-munich

712
ULEROY Sane weManchester City.

IYICHAZA njengamampunge iBayern Munich yaseGermany imibiko yokuthi ibifuna ukushintshana ngomdlali wayo neManchester City yase-England.

Isabalale okomlilo wequbula imibiko yokuthi lama kilabhu asezingxoxweni zokuthi uLeroy Sane waseGermany weCity apha-mbane noDavid Alaba wase-Austrai odlala emuva kwiBayern. 

Kuphinde kwavela ukuthi yimenenja ka-Alaba ebiphusha lo mkhankaso njengoba sekukaningi ihlongoza ukuthi ifuna ukuyisa lo mdlali kwenye yamaligi amakhulu emhlabeni.

UKarl-Heinz Rummenigge oyisikhulu esiphezulu kwiBayern uphumele obala ngalolu daba. 

Uyayichitha yonke lemi mibiko.

“Ngike ngawezwa amahemuhemu okuthi sifuna ukushintshana ngabadlali neCity. 

“Ngithanda ukukubeka kucace ukuthi lokhu kuqhelelene kakhulu neqiniso. Imidlalo yeligi imiswe singakaze sixoxe nakilabhu ngo-Alaba. 

“Thina kasitshelwa yizimenenja zabadlali abanezinkontileka nathi. Amakilabhu amakhulu ayayazi imigomo elandelwayo nxa kufanele kuthengiselwane ngabadlali. 

“Kungenzeka ukuthi imenenja yomdlali kukhona ezama ukukwenza ukuze sibe nengcindezi yokungena ezingxoxweni neCity. 

“Akukho zingxoxo nje okwamanje,” kusho lesi sikhulu. 

Previous articlengase iqalwe phansi imidlalo e-Europe
Next articleuWhite uza nezinguquko kwi-bulls