uchithe izinkunzi umdlali we-highlands park

1094

SENZO SOKHELA

UMDLALI weHighlands Park osephenduke isithenjwa kule kilabhu ushaye ngesithende izinkunzi zaseGauteng wathi akafuni ukusuka kule kilabhu ngoba imphethe ngokweqophelo eliphezulu. 

IHighlands Park ibambe ufishi omkhulu ithenga uLuckyboy “Slaka” Mokoena (osesithombeni) kwiReal Kings kumasizini ambalwa edlule. 

Ufike kule kilabhu isikimu kwangesakhe kangangoba ubuye abe ngukaputeni wale kilabhu. 

Ngendlela lo mdlali adlala ngayo useke wabizwa ngisho eqenjini lesizwe lakuleli iBafana Bafana. 

Leli phephandaba lithole ukuthi inkontileka kaMokoena neHighlands iyaphela uma kusongwa isizini. 

Kuvela ukuthi iMamelodi Sundowns neBidvest Wits bese bemshela lo mdlalo kodwa wawachitha la makilabhu. 

Kuthiwa uwatshele eziqwini zamehlo ukuthi ujabule kwiHighlands ngeke nangengozi ayishiye. 

Leli phephandaba lishayela uMokoena ngalolu daba uvumile ukuthi kuna-makilabhu abemeshela kodwa wawachitha.

“Akhona amakilabhu abezama ukungisusa kwiHighlands kodwa ngawa-tshela ukuthi ngihleli kahle lana. 

“Akufanele uhambe nje noma isidingo singekho uye lapho ongazi ukuthi uzophatheka khona kanjani. 

“IHighlands ingiphethe kahle lokho ngeke ngikufihle ngakho-ke angisiboni isidingo sokuvele ngihambe. 

“Inkontileka yami nayo iyaphela ngoNhlangulana (June) kodwa kubukeka konke kuhamba kahle. 

“Sivalele le-coronavirus izingxoxo sesiziphothula. 

“Ngikholwa wukuthi uma kubuywa yilapho sizoqedela khona yonke into,’’ kusho uMokoena.

Previous articleKuse ngokunye beboshelwa ukuzenza amaphoyisa
Next articleZIBALIWE EZIKAMPONTSHANE KWI-BUCS