Uchithwe ngumkhwekazi kwesebheyili okhale ngezingane “azondlayo”

345

SKHOSIPHI MTHEMBU

UCHITHWE ngumkhwekazi wakhe ngencwadi efungelwe, esicelweni sakhe sebheyili owesilisa osolwa ngokugwaza abulale unina wezingane zakhe zibuka, eMorningside, eThekwini, emasontweni amathathu edlule. UMnu Mhlengi Ndaba, osolwa ngokubulala uNkz Dima Phohlo (31), ubevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu. 

Ngeledlule ngesikhathi eqala ukufaka lesi sicelo, wazikhalela ngokuthi unebhizinisi okumele alibheke, nezisebenzi. Waveza ukuthi unezingane ezine, okubalwa nezikamufi ezimbili – eneminyaka ewu-5 neneminyaka emithathu – azondlayo. 

Encwadini efungelwe efundwe enkantolo ngumshushisi, uMnu Calvin Govender, unina kamufi – uNkz Makgetho Phohlo – ukuchi-thile ukuthi uNdaba wondla izingane, wathi zikhona ezinye izinhlelo zokuthi zondliwe. Uthe uma uNdaba ededelwa, kuyobe kakwenziwa ubulungiswa ngoba bayamesaba.

 ILANGA ngoMsombuluko odlule, libikile ngokubulawa kukaNkz Phohlo.

Phambilini, uGovender utshele inkantolo ukuthi umbuso uzosebenzisa ubufakazi obuqoshwe yiCCTV, obuveza umufi ephuma endlini ebaleka. Wathi kule video kubonakala uNdaba emlandela, emgwaza ephindelela ngisho esephansi.

Ngeledlule imantshi, uMnu Manjeza (elingatholakalanga igama layo), iveze ukukhathazeka ngokuphepha kwezingane uma uNdaba ededelwa ngebheyili, yacela incwadi efungelwe kunina kamufi, okunguyena ozibhekile kusukela kwenzeke isigameko. 

Ummeli kaNdaba uthe kabukho ubufakazi obuveza ukuthi ikilayenti lakhe lingaba yingozi ngoba akukho lapho kuvela khona
ukuthi like lesabisa izingane. Uthe ngisho emuva kwesigameko, ikilayenti lakhe kalibalekanga, lilinde amaphoyisa. 

Imantshi isigodlele uLwesibili (kusasa) isinqumo ngesicelo sebheyili sikaNdaba.

Previous articleOyifenisha kwiDowns ufunwa yikilabhu yangakubo
Next articleIndodana eyiphoyisa ibulawe njengoyise iyobopha isigebengu