INTATHELI YELANGA
SICHITHWE yiNkantolo eNkulu yasePretoria isicelo esiphuthumayo sikaSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula sokuzama ukuvimbela iNational Prosecuting Authority (NPA) ukuba imbophe ngenxa yamacala amayelana nezinsolo zenkohlakalo nokushushumbiswa kwemali.
IJaji uSulet Potterill likhiphe isinqumo ngoLwesibili ekuseni kulesi sicelo sikaNkk Mapisa-Nqakula esilalelwe ngesonto eledlule.
UNkk Mapisa-Nqakula ukhale enkantolo ngokuthi ukuboshwa kwakhe akukho emthethweni, kuhloswe nje ngakho ukumhlaza emphakathi, futhi namacala asolwa ngawo antekenteke.
Ubefuna inkantolo ukuba ikhiphe nomyalelo wokuthi iNPA iveze ubufakazi enabo ngalawa macala asolwa ngawo.
IJaji uPotterill lithe inkantolo ayikwazi ukunquma ukuthi kusemthethweni yini noma cha ukuboshwa kwakhe ngoba lokho yinto engakenzeki.
Ekwahluleleni kwalo ijaji lithe okufuna nguNkk Mapisa-Nqakula kuzovulela amanzi ngomselele, kudale inkinga yokuba labo abasuke besolwa ngamacala banqande ukuboshwa kwabo ngoba bethi akukho emthethweni futhi namacala ababhekene nawo antekenteke.
Yize uMapisa-Nqakula ubethi isicelo sakhe siyaphuthuma ngoba isithunzi nenkululeko yakhe kusengcupheni, kodwa ijaji lithe iNPA ikubeke kwacaca ukuthi ngeke isiphikise isicelo sakhe sebheyili, ngakho udaba lwakhe aluphuthumi.
UNkk Mapisa-Nqakula ubhekene namacala ezinsolo zokugwazwelwa ngemali elinganiselwa ku-R2,3 million ngesikhathi esengungqongqoshe wezokuvikela.