UCOBELELE ABASAKHULA NGAKUFUNDILE EBHOLENI

428
URamahlwe Mphahlele osedlale kumakilabhu amakhulu kuleli.

MFANAFUTHI NDLOVU
BAHLOMISE ngolwazi olumqoka ozakwabo abasakhula abadlali bamaZulu FC abanesipiliyoni sokudlala kwiDStv Premiership emhlanganweni obukwelinye lamahhotela agudle ulwandle, eMhlanga, eThekwini izolo ngoLwesithathu. URamahlwe Mphahlele, oke wagijima kwiKaizer Chiefs, udodise abadlali boSuthu, wabatshela ukuthi ngesikhathi esagijima kwiMamelodi Sundowns, kwabakhona isimo lapho abadlali bathatha khona umshwalense ukuzama ukubeka impilo yabo endaweni engcono uma sebethathe umhlalaphansi kunobhutshuzwayo.
Uthe ngebhadi, kwagcina ngokuthi sehle isibalo sabadlali abaqhubeka nalo mshwalense.


“Lokhu ngikusho ngoba isikhathi esiningi thina badlali bakanobhutshuzwayo empilweni sicabanga le nto ezokwenzeka manje, sikhohlwe wukuthi empilweni zonke lezi zinto zingaba yisisekelo sempilo yethu uma isikhathi siqhubeka. “Kunomngani wami obesebhizinisini lokuthutha impahla ngamaloli. “Wafikelwa yisikhathi esinzima empilweni lapho wayedinga khona imali ukuze ibhizinisi lakhe liqhubeke, okwamphoqa ukuba anqume ukudayisa udedangendlale wendawo yakhe elinganiselwa ku-1 000 hectares. “Wacela ukuba ngimeboleke imali, okwaze kwaholela ekutheni abenomcabango wokungidayisela le ndawo ngo-R 400 000. “Ngathi ngesikhathi sengizihambela, kwabuya emqondweni wami ukuthi kambe nginomshwa-lense engawuthatha ngisadlala kwiSundowns.


“Ngafonela inkampani yomshwalense ukuzwa mayelana nawo. Ngeke nikholwe ukuthi bangethembisa imali engaphezu kwalena engangiyifuna. “Ngale nkulumo ngizama ukucebisa abadlali abasakhula ukuthi uma kukhulunywa ngalezi zinto, kumele bazithathele phezulu ngoba ziyasiza uma izinto zingasahambi kahle empilweni,” kusho uMphahlele osekuwumla-ndo ukuthi uke wagijima nakwiMoroka Swallows. UKeagan Buchanan, naye oke wayibamba kwiChiefs, utshele abebeyingxenye yalo mhlangano ukuthi mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi odokotela bezomqondo babeseduze kwabo, ikakhulukazi uma umdlali ezohlala isikhathi eside engadlali njengoba kwenzeka nakuyena wacishe waliyeka ibhola.


UMark Fish owanqoba iCaf Champions League ne-Orlando Pirates ngo-1996, wagijima kwi-Charlton Athletic, yase-England ubengesinye sezimenywa eziqavile kulolu hlelo. Uncome amaZulu ngokukhathalela abadlali bawo, wathi ukube izinto ezifuze lezi zazikhona ngezikhathi zabo, ngabe kuningi abakuzuza empilweni. USiyabonga “Bhele” Nomvethe owadlala emakilabhini okubalwa kuwona i African Wanderers, Kaizer Chiefs, i-Udinese, Orlando Pirates neSwallows ubongele abadlali ngalolu hlelo, wathi naye uzongena kulona afunde ngakho konke okwenzeka empilweni kanobhutshuzwayo.

Previous articleKusenzima emindenini eshonelwe
Next articleSITHOLWE SISHISIWE ISIDUMBU SIKATHISHA OBENYAMALELE