UCobra usekulungele ukuqeqesha uSuthu

486

IChiefs iphuthwe yithuba ibambana neWits koweligi

SENZO SOKHELA 

UPHUMELA obala ngomsebenzi awubambe okwesikhashana kumaZulu FC u-Ayanda “Cobra” Dlamini (osesithombeni) (35) obhekene nomthwalo wokusiza le kilabhu isinde ezembeni. 

USuthu luzobhekana neBaroka kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo ngo-13h30 eLucas Moripe Stadium, ePitoli. 

Lo mdlalo ubalulekile kula makilabhu njengoba esemngceleni wezembe. 

USuthu luya kulo mdlalo nje, uDlamini wasoLundi, uyibamba lo mqeqeshi kule kilabhu ukuze ayisize ezembeni. Ungene endaweni kaJosef Vukusic ogudluziwe. 

UDlamini usivule kahle lesi sigqiki ngokushaya ngo-1-0 iKaizer Chiefs emdlalweni uSuthu obelunganikwa lutho kuwona.

Engxoxweni uDlamini abe nayo naleli phephandaba izolo ngoLwesithathu ekuseni uthe uzibona ekulungele ukuhola ngokugcwele le kilabhu enomlando ohlonishwayo ebholeni lakuleli. 

“Engingakusho wukuthi ngifunde okuningi kubaqeqeshi engisebenze nabo ngisangumdlali khona la kumaZulu.

“Ngingakujabulela ukuthi ngiwunikwe ngokugcwele lo msebenzi ngoba ngikholwa wukuthi kuningi engingakuguqula eqenjini libuyelwe yilesi sithunzi ebelaziwa ngaso linqoba nezicoco. 

“Le nto yokuthi iqembu lihlale livika izembe angingabazi ukuthi ngingayiqeda ngoba ngiliqonda kahle isiko lale kilabhu kwazise ngidlale iminyaka eminingi kulona. 

“Okunye okungenza ngizizwe ngingawubamba lo msebenzi ngokugcwele wukuthi usihlalo wekilabhu, uDkt Patrick Sokhela nabaqondisi bangeseka ngokweqophelo eliphezulu ngizizwa ngingumqeqeshi angizizwa ngiyibamba. 

“Nabadlali ngokunjalo abanye ngidlale nabo njengoThapelo Xoki noLehlohonolo Majoro kodwa bayakuqonda ukuthi uma sekusetshenzwa siyasebenza angibi ngu-Ayanda kodwa ngiba ngumqeqeshi, futhi bangibiza kanjalo ngoba bayasihlonipha isihlalo engikusona,’’ kusho uDlamini. 

Uthi lo mdlalo weBaroka bawulungiselele kahle futhi unethemba lokuthi bazowunqoba. 

“Okungikhathazayo wukuthi sizoya kulo mdlalo ngaphandle ku-kaSiyabonga Mbatha ongunozinti wethu njengoba edonsa isigwebo. 

“Emidlalweni enjena udinga bonke abadlali bakho abanesipiliyoni siyazi ukuthi uMbatha ngale sizini ungunozinti wethu wokuqala. 

“Kodwa-ke nginethemba lokuthi uNeil Boshoff uzovimba kahle ngoba akenzanga kabi kule midlalo anikwe kuyona ithuba. Okuhle wukuthi uMajoro uqalile ukujima neqembu njengoba ubenokuthinteka,’’ kusho uDlamini. 

* Khonamanjalo, iKaizer Chiefs iyeke ithuba lokuvula igebe esicongweni se-log ye-Absa Premiership ibambana neBidvest Wits ngo-1-1 emdlalweni obuyizolo ngoLwesithathu e-Orlando Stadium, eSoweto. Igoli leChiefs livalelwe enethini nguSamir Nurkovic ngomzuzu ka-36 lacinywa ngelikaCole Alexander ngoka-89. 

Imidlalo ye-Absa Premiership ngale mpelasonto imi kanje:

KUSASA NGOLWESIHLANU 

E-Orlando Stadium: Chippa United vs Cape Town City FC 15h30.  

EDobsonville Stadium: Highlands Park vs Mamelodi Sundowns 18h00.  

NGOMGQIBELO 

ELucas Moripe Stadium: AmaZulu vs Baroka 13h30.

E-ABSA Tuks Stadium: Stellenbosch vs Golden Arrows 13h30. 

ELoftus Versfeld Stadium: Polokwane City vs Kaizer Chiefs 15h30.  

E-Emirates Airline Park: Orlando Pirates vs Bidvest Wits 18h00.  

NGESONTO 

EFNB Stadium: Black Leopards vs Maritzburg United 15h30.

EBidvest Stadium: SuperSport United vs Celtic 18h00.

Previous articleIsililo kucima isibani esinguBob Mabena
Next articleKuphakanyiswa ukuvula ugwayi notshwala