Uculela ukwelapha imiphefumulo yabantu

251
NGUMCULI we-gospel uNdumiso Shongwe

LUCKY CAIN
UTHI UNOVALO ngokuphunyukwa yisibusiso asiphiwe nguMdali umculi we-gospel, uNdumiso Shongwe, osanda kukhipha i-albhamu yakhe yesibili, esihloko sithi; Hlala Emkhulekweni. Lo mculi osezakhele igama kulo mkhakha, uzibona enesibusiso sokwelapha imiphefumulo yabantu ngomculo wakhe, kanti akafisi ukuba simphunyuke, yize kunzima ukuvelela kule ndima.n “Emculweni kunzima ngoba ukukhipha i albhamu noma ingoma akusho ukuthi izosheshe yemukeleke kubantu, futhi nawe uphumelele. “Kuyenzeka ukhiphe ingoma noma i-albhamu kodwa ingafinyeleli kubantu ngendlela ofisa ngayo, bese lokhu kukucoba amathambo,” kusho uNdumiso. Uthe ufisa ukuthi noma kungenzeka umculo wakhe ungafinyeleli kwizinkumbi zabantu, kodwa enze umehluko ngokuthinta noma yidlanzana labantu.


I-gospel kayifani nomculo womjuxuzo odlalwa ngesikhathi esithile, bese usheshe uphelelwa yisikhathi. “Owe-gospel ungawukhipha namhlanje, kodwa uze ufinyelele ezingeni olifunayo ngemuva kwesikhathi, uma sekukhona obathintile bazokhuluma ngawo.” Uthe njengoba esekhiphile, unethemba lokuthi isifiso sakhe sokuthinta imiphefumulo yabantu sizofezeka. Utshele leli phephandaba ukuthi le albhamu yakhe, ephume ngenyanga edlule, ididiyele izingoma eziwu-12 okubalwa kuzona ezendumiso nezetshumayelo. Uveze nokuthi usebenze nabantu abehlukene njengoba engaphansi kwenkampani iKhaya Music, ephethwe nguWelcome Msweli, eke yasebenzisana nabaculi okubalwa kubona uThinah Zungu, uFikile Mlomo nabanye.

*Khonamanjalo, abaculi be-gospel sebeqalile ukwenza amalungiselelo omcimbi waminyaka yonke iSABC Crown Gospel Awards kulo nyaka okuzokube kungokoqala wenzelwa eGauteng, ngemuva kweminyaka uzinze KwaZulu-Natal. lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleUmqeqeshi weBucs uxwayisa ezakhe ngengozi
Next article“Bayesatshiswa” abadayisi abanyuselwe wumasipala irenti ngo-234.59%