Umvalele endlini izinsuku emgeza isitho sakhe ukucisha ubufakazi
SKHOSIPHI MTHEMBU
ZEHLA mi izinyembezi kowesilisa (40) waseCottonlands, ngaseNdwedwe, uma echaza ngesigameko sokudlwengulwa kukanina wengane yakhe (40) ngumastende babo, phambi kwendodana yabo eneminyaka ewu-5 ubudala.
Lesi sigameko kuthiwa senzeka ngoMgqibelo womhla ka-25 kuMasingana (January) kanti umsolwa kuthiwa uqede lapho, wawuthumba lo mndeni izinsuku ezintathu, nokho ngenhlanhla wagcina uphunyulile esewutshele ukuthi uzowubulala.
Kulezi zinsuku ezintathu kuthiwa ubephoqa isisulu ukuba sigeze isitho sangasese kathathu ngosuku ukucisha ubufakazi. Kuthiwa ngaphambi kokuba umsolwa agile lo mkhuba, uqale ngokuthenga utshwala waphuzisa isoka lesisulu, okuthe uma seliqhuba ‘imbuzi’, lahamba layolala wabe esethola ithuba.
Uqede ukudlwengula owesifazane wabe esebabopha izandla nezinyawo maqede wabavalela endlini ebasabisa ngokuthi uzoqeda ngabo.
ILANGA lihambele lona wesifazane obematasa elungisela ukuyothutha izimpahla zakhe emqashweni. Uthi ubengakaze azitshele ukuthi umsolwa angamenza isilo sengubo kwazise
ubemthatha njengendodana yakhe, kwazise unengane ecishe ilingane naye.
Uthi indlela abemkhonze ngayo, ubethi uma ephekile, amphakele naye kwazise bebehleli kahle kungekho akusolayo. “NgoLwesine olwedlule (mhla ka-23 kuMasingana), u”(egagula umsolwa ngegama) uthathe isoka lami engihlala nalo walicela ukuba liyomsiza emsebenzini wakhe njengoba ebengumuntu obuye azisebenze.
“NgoLwesihlanu uholile kwathi sebebuya ntambama, wacela ukuthengela isoka lami ubhiya ngoba ethi limsizile. Ungicelile nami ukuba ngiphuze nabo, kodwa ngamtshela ukuthi kangithandi ukuphuza.
“Baqhubekile nokuphuza kwaze kwahwalala, salala. Ekuseni ngoMgqibelo, sivuswe nguyena umastende ethi uzokhiphisa isoka lami ibhabhalazi, wahamba eseyothenga utshwala.
“Uphinde wathenga namaqanda njengoba ubekhala ngendlala ngabe sengibalungisela into yokudla.
“Ungibizile ethi mangizophuza nabo sijabulele ukuthi ufake isoka lami emsebenzini.
“Ngihlalile nabo kancane kodwa ngabuye ngabashiya, ngangena endlini ngoba indodana yami ibiphethwe yithumba. Sibe sesicambalala, baqhubeka bona nokuphuza emnyango.
“Ngithe ngisebuthongweni, ngezwa kukhona into engicindezelayo okuthe uma ngivula amehlo, ngabona umastende ephezu kwami. Ngimbuzile ukuthi wenzani, wadonsa ummese
wangesabisa ngokuthi uzongibulala uma ngike ngamemeza.
“Uqhubekile nokungidlwengula okuthe eseqedile, wangivala umlomo ngendwangu wayovusa isoka lami nalo walibopha. Uqede lapho wafaka amanzi endishini wangigeza isitho sami sangasese maqede wasikhiyela endlini.
“Kwenzeka lokhu nje, ingane yami ibona yonke into kwazise iphaphame engidlwengula,” kusho yena. Uthi kulezi zinsuku ezintathu abebavalele ngazo, ubengena njalo eyomgeza isitho sangasese maqede abafunze nokudla kodwa bekwenqaba.
“Kuthe ngoLwesibili wangena endlini wasitshela ukuthi uma ebuya uzosibulala futhi uzoqala ngengane yami ngoba ibone yonke into. Esehambile, ubaba wengane uzamile ukuqaqa
intambo wagcina ekwazile. Ungiqaqile nami, okuyilapho sithole khona ithuba lokubaleka,” kusho yena.
Uyise wengane yalona wesifazane esingeke simdalule ukuvikela isithunzi sakhe ubevele ehle izinyembezi uma echaza ngokwenziwe yilo mastende.
“Ngiyasola ukuthi ubevele eyihlelile le nto ngoba bengihleli naye ngazizwa sengifikelwa wubuthongo ngabe sengingena endlini ngacambalala.
“Ube esebona ithuba lokuba adlwengule unina wengane ngoba azi kahle ukuthi ngiphuzile,” kusho yena.
ILANGA lithole ukuthi umsolwa ubanjwe ngamaphoyisa nohalakasha lukatshumetshu, engazi nanyaka, esemsebenzini wokuba ngunogada.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthe
usazoxhumana nehhovisi elisebenza ngamacala okudlwengula namuhla ngoMsombuluko
njengoba bengasebenzi ngezimpelasonto.