Udalula imfihlo yesnemfu onqobe izigidi kwiBig Brother

703

Uzoqhubeka nobungoma yize ehlomule ngo-R2 million

LUCKY CAIN

UDALULE ukuthi ubevuvuzela ngesinemfu uR40 wakhe wokugcina angena nawo kwiBig Brother ukukhuluma nabaphansi ngesikhathi kuqhubeka lo mqhudelwano uDimpho Mvundla (27), waseDaveyton, eGoli, oqophe umlando ngokuba ngowokuqala wesifazane ukudla ubhedu nonyaka. Ukhale wemuka noR2 million kulolu hlelo lukamabonakude obelukhonjiswa ubusuku nemini esiteshini esingaphansi kwe-Mnet Channel 198, nakwiMzansi Magic ngamaSonto. UDimpho obaziwa ngelikaMpho Wabadimo kulolu hlelo, umenyezelwe ngeSonto njengonqobile emuva kokuchitha izinsuku eziwu 71 ehleli emzini kaBig Brother.


Bonke laba bantu bebenenhloso eyodwa yokuthola le mali, ngakho bekungelula ukuthi usheshe ubathembe ngoba kawazi bebekucabangelani ngemuva,” kusho uMpho. Uveze ukuthi ngaphambi kokungenela iBig Brother, wababikela abantu abadala (idlozi) njengoba engumuntu osebenza ngabo. “Ngingumuntu onombono ngakho ngemuva kokuxhumana nabo ngalo mbono, langikhulula idlozi njengoba ngangizoma ekwenzeni umsebenzi walo izinyanga ezintathu. Kuyangithokozisa ukuthi konke kuhambe kahle ngaphakathi kanti nemiphumela yangivuna.


Lokhu kakusho ukuthi bengazi ukuthi ngizonqoba kodwa benginethemba,” kusho le ntokazi. Uveze ukuthi ingcindezi ibinkulu kuyena njengoba abanye abehleli nabo kule ndlu bebebuye bamsole ngokuthakatha. “Bengihlale ngikucacisa ukuthi mina ngingumelaphi, kangiyena usomlingo. Engingakusho wukuthi ngikwazile ukukhombisa abantu ukuthi ukuba yisangoma kakusho ukuthi kawuyena umuntu, uphila njengabanye abantu. Nami ngingumuntu futhi kakukho okwehlukile ngami ngaphandle kokuthi ngingumuntu wedlozi kuphela,” esho.

Previous articleIzigelekeqe zishaye utshani namabhokisi omngcwabo
Next articleI-AM endleleni yeDowns ye-treble