Uthi kwiSundowns kabatetenyiswa abadlali
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane uveza okwenza le kilabhu ilokhu ilandelwa yimpumelelo.
ISundowns ikuphindile edume ngakho inqoba isicoco se-Absa Premiership ihlandla lesithathu kulandelana emuva kokuba iguqise ngo-3-0 iBlack Leopards kowokusonga iligi ngoMgqibelo ntambama eDobsonville Stadium, eSoweto.
Amagoli eDowns abhakuziswe enethini nguLebohang Maboe.
UMosimane emuva kwalo mdlalo uveze okuyikhona athi kubalethela impumelelo kule kilabhu.
“Into esilekelela kakhulu wukuthi asibatotosi abadlali, umuntu simutshela efika ukuthi kuyasetshenzwa lana akudlalwa kufuneka izinkomishi.
“Akumnandi njengoba abantu bebona bengaphandle ngiyasiqinisa isandla angidlali. Abanye bahlulekile wukubekezela bahamba ngoba akusiniswa amahleza lapha angitotosi muntu. Nokuthi-ke ngizizungeze ngethimba labaqeqeshi eliseqophelweni eliphezulu,” kusho uMosimane.
Uthi indlela abanqobe ngayo imvusela umunyu.
“Khona bekudabukisa kodwa ngakolunye uhlangothi bekuyindlela emnandi yokuvalelisa abakwa-Absa. Ngicabanga ukuthi yithina esisayinqobe kaningi.
“Bekunzima ngoba asizange sihlale esicongweni ngale sizini isikhathi eside besilokhu silandela inkomishi yabo.
“Sibe nethuba elilodwa futhi kube yimizuzu nje engadlulile kweyisigamu sehora iChiefs ihlulwa yiWits kwagcina lapho.
“Kodwa-ke bengilokhu nginalo ithemba yize abantu abaningi bebengakholelwa kimina naseqenjini lami.
“Kunzima kwiBio Bubble, kodwa uNkulunkulu usithandile.
“Ngiyayibongela iChiefs ngeke ngiqambe amanga isethusile ngoba umqeqeshi wayo ufike nomehluko omkhulu. Nabalandeli bethu ngiyabajabulela bayazi besifisa ukuba nabo kodwa ngenxa yesimo akwangenzeka. Kodwa-ke inkomishi yabo sibuye nayo ngethemba ukuthi bajabule,” kusho uMosimane.