UDALULA ISIZATHU SOKUSHESHE APHUME KUNIKIWE

432

LUCKY CAIN
INKAKHA yomlingisi uZandi Nhlapho ichaza ngokuyenze yasheshe yaphuma emdlalweni kungakapheli nesonto umdlalo uqalile ukukhonjiswa kumabonakude. UZandi ubengomunye wabalingisi abaqavile emdlalweni osanda kuqala kumabonakude, obizwa ngokuthi, Nikiwe okhonjiswa kwi-etv phakathi nezinsuku. Lo mdlalo uvale isikhala seDurban Gen, okuwumdlalo owuchungechunge obuqoshelwa eThekwini. UZandi ekhuluma neLANGA, uthe bekumele indawo yakhe isheshe iphele ukuze umdlalo uqhubeke. Uthe kwasekuqaleni yena nomyeni wakhe kulo mdlalo uMuzi Mthabela, kwakumele bezokwethula isihloko somdlalo, njengoba uqanjwe ngokuthi Nikiwe.


“Umdlalo ukhuluma ngezingane ezithatha lapho kushiye khona abazali bazo. Ngakho okwethu bekuwukuthi siwethule bese uyaqhubeka ngokwesihloko sawo,” kusho uZandi okwamangala abaningi ngesikhathi yena nomyeni wakhe beshesha ukufa kulo mdlalo. Uthe kukhona amatasa ngakho okuthinta umabonakude azokwenza kodwa okwamanje ngeke akudalule ngenxa yokuthi kunemicikilisho angakayiphothuli. Uthe angakusho wukuthi uzobe engalingisi kodwa engumethuli wohlelo. “Yilokho engizokusho okwamanje,” kusho yena. Uqhube ngokuthi ngaphandle kwezinto ezithinta umabonakude, kuningi amatasa ngakho njengoba enenkampani yezokuxhumana ephinde ikhiqize nezikhangiso. Umdlalo uNikiwe ugabe ngabalingisi okubalwa kubona uLungelo Mpangase, uKenneth Nkosi, u-Israel Matseke Zulu, uClementine Mosimane. Muva nje usanda kwethula uDuduzile Ngcobo ongomunye wabalingisi abayintandokazi kuleli.

Previous articleIngase ijike umqondo iPirates ngolwabadlali
Next articleKuboshwe uthunjana”ngokubulala”umfowabo oyinyanga