Udangele kukhishwa phambili inkosikazi

832

 “Izinkabi” zigwetshwe iminyaka eyisihlanu zibhadla ejele

uMnu Bhekani Shishane (51) waseMbumbulu ophume enxapha yedwa enkantolo, ekhala ngokuthi kayibenzanga ubulungiswa ngokukhipha phambili umkakhe

NOMFUNDO NGWANE

IQHUMISE isililo phakathi eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth, ngoMsombuluko, inkosikazi ekhishwe phambili ecaleni lokwakha uzungu lokubulala indoda yayo, ikhala ngokuthi leli cala ebese lidonse iminyaka engaphezu kweyisihlanu, seliyiqothule yonke imali yayo yaze yalahlekelwa nawumsebenzi. 

UNkk Sizakele Shishane, uMa-Mzobe (50), uhlulekile wukuzibamba ngesikhathi imantshi imkhipha phambili kuleli cala obekuthiwa wayethinteka ekuzameni ukubulala uMnu Bhekani Shishane (51) waseMbumbulu ngoNhlaba (May) 2014.

 “Izinkabi” ayeboshwe nazo, oku-nguMbuso Zulu, uNkanyiso Goba noNhlakanipho Mswane, lizishonele izolo ngoLwesithathu njengoba zigwetshwe iminyaka eyisihlanu zibhadla ejele ngecala lokuzama ukubulala. 

UNkk Shishane ubekhala ngokuthi sewalahlekelwa wumsebenzi wakhe wokuba nguthisha eDlambula Primary School, eMkhomazi, walahlekelwa wumuzi wakhe kwaze kwaphela nayo yonke imali yakhe yempesheni aphuma nayo emsebenzini. 

UMnu Shishane yena, uphume enxapha yedwa enkantolo, ekhala ngokuthi kayibenzanga ubulungiswa ikhipha phambili umkakhe, “yize wenza into ebuhlungu kangaka”. 

Uphinde wakhala ngesigwebo esinikwe “izinkabi”, wathi sincane ekubeni yena wacishe walahlekelwa wumphefumulo. 

ILANGA labika ngokuhlaselwa kukaMnu Shishane ngo-2014, owashiywa “yizinkabi” emgwaqweni eMbumbulu zizitshela 

ukuthi sewendele koyisemkhulu. 

Odabeni lwango-2014, kwavela ukuthi uMnu Shishane wafonelwa nguMnu Mswane, owambizela eSiphingo ukuba bayocima ukoma. 

Uthi wafika eSiphingo “izinkabi” zihamba zontathu, zamthengela utshwala zizama ukuthi adakwe kodwa umoya wakhe wangavuma ukuba aphuze kakhulu ngenxa yokuthi wayebhekene nezinkinga nenkosikazi yakhe. 

“izinkabi” zagcina zimphoqa ukuba aphuze kancane ngoba zase zize zamthengela utshwala. Waphuza izingilazi ezimbili, wabe esecela ukuvalelisa. 

Uthi zamtshela ukuthi makakhululeke, zizomgodukisa ngemoto. 

Nebala wangena emotweni, kodwa yajika sebesendleleni bayikhomba kwenye indawo. 

Bafika emgwaqweni ohamba amaloli, bavula izicabha bamkhi-phela ngaphandle, bakhipha isipanela semoto bamshaya ekhanda bemthuka, bembuza ukuthi uyifunani imali yomkakhe – njengoba wayembophela isondlo. 

Uthi bamshaya waze waba nenzululwane, wagcina esequlekile, bamshiya emgwaqweni bezitshela ukuthi ufile. 

Ngesikhathi eselele phansi, wabezwa abasolwa befonela inkosikazi yakhe beyitshela ukuthi usefile, bamshiye elele emgwaqweni. 

Ngemuva kwesikhathi, kwaqhamuka abafana ababili, abamsiza waphuthunyiswa esibhedlela, okuyilapho waphaphama khona. 

UNkk Shishane “nezinkabi” baboshwa emuva kokuba umyeni wakhe esephapheme esibhedlela, wakwazi ukusho ukuthi uhlaselwe ngobani futhi bethunywe ngubani. 

UMnu Shishane ekhuluma 

neLANGA ngaphandle kwenkantolo, ngemuva kokuphuma kwesi-gwebo, uveze ukuthi akanelisekile ngesigwebo. 

Uthe ngeke akuthole ukuphumula inkosikazi yakhe ingakajezi ngento eyayenza kuyena, wathi uzimisele ngokulidlulisela phambili leli cala. 

“Ngikholwa wukuthi kukhona inkantolo engakwenzanga kahle ngalo engangishade naye, bekungamele imkhiphe phambili kuleli cala,” kusho uMnu Shishane.

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleUBaxter umfuna kwiChiefs oweBafana
Next articleZisukumise umasikandi “izinqe zebhosi”