UDanger nezinhlelo zokugcina iBig Nuz iphila

249

UDanger uthi kusezandleni zakhe ukuqinisekisa ukuthi igama leqembu kalishabalali

JOHN HLONGWA

LISEZINHLELWENI zokusebenzela ukuba ingashabalali iBig-Nuz, ilungu laleli qembu eselelisele lodwa. Leli qembu laqalwa ngo-2002 linamalungu amathathu okunguMandla “Mampintsha” Maphumulo obefihlwa ngoLwesihlanu, uSbu “R Mashesha” Khomo owashona ngo- 2015 noMzi “Danger” Mkhwanazi osenkunguyena omele iqembu. UDanger uvukwe wumunyu, wasaba nokungena esteji kwiGumba
Fest, eRichards Bay ngesikhathi kufanele ayocula ingoma yaleli qembu ehlukanise unyaka ku- Khozi FM, ethi “Ngeke”.


Ukuhlukanisa kwayo unyaka kumenyezelwe uDanger ekwiGumba Fest ebihlelwe nguMthokozisi “DJ Tira” Khathi ngokubambisana noMasipala wesiFunda iKing Cetshwayo noMasipala uMhlathuze. Bekungokukuqala ecula yedwa. Ekhuluma neLANGA emuva kokucula, uthe uzizwe efikelwa wumunyu. “Empeleni bengingengedwa, kunabafowethu engisebenza nabo uDJ Kay noShayo weNew Era. Okubalulekile wukuthi sifisa ukubonga emphakathini ngokuseseka, usivotele. Besivele sinalo ithemba lokuthi le ngoma ingawuhlukanisa unyaka nangesikhathi uMampintsha esekhona.

Njengoba singabaculi, isikhathi esiningi vele sisebenza ngethemba, yikho kuthiwa ezase-Afro mazihlangene zinenkani,” kusho uDanger. Ukhale kakhulu ngokulahlekelwa kweBig Nuz ngamalungu ayo. “Kade ngitshela abafowethu bonke esisebenza nabo ukuthi kumele sibhekane nohlelo iBig Nuz Empire. IBig Nuz Empire wuhlelo lwekwethulwa kwe-EP (okukhona kuyo le ngoma ehlukanise unyaka). Sizokhetha abaculiB abahlukene esingabala kubo uDJ Tira noBabes Wodumo, sibe nochuchungechunge lokwethulwa kwayo. “Lokhu sizokwenzela ukuthi igama leBig Nuz lingashabalali. Sijabule kakhulu njengoba ingoma idle umhlanganiso, ngizokwenza ngokusemandleni ami ukuthi iqembu lingapheli.


“Yize nami nginomsebenzi wokukhipha ngingedwa, kodwa ngizokwenza isiqiniseko sokuthi iBig Nuz ihlale ikhona. Yimina engikhona, isele nami, akumele iphele ngoba inabalandeli abaningi,” kusho uDanger. Uthe ubebambe umoya ngesikhathi sekuzomenyezelwa ingoma ehlukanise unyaka. “Bengisaba. Ngize ngatshela uShayo, ngathi ‘mfowethu, kungenzeka noma yini ngoba phela ngabantu abavotayo’. Ungiduduze ngokuthi mangikhululeke. Ngijabulile uma esho njalo. Sisazokugubha lokhu kuhlukanisa kwethu unyaka,” kuphetha uDanger.
hlongwaj@ilanganews.co.za

Previous articleUWUHLUKANISELE EJELE UNYAKA ‘OBEDLWENGULA INDODAKAZI (12)’
Next articleIChiefs ifuna ukugubha ‘olokuzalwa’ ngewini