Udedelwe ngebheyili ka-R5000 owe-Sizok’thola

437

THANDOLUHLE NGUBO

BADEDELWE ngebheyili ka-R5000 umuntu ngamunye oMnu Xolani Maphanga ongumethuli wohlelo i-Sizok’thola, kwi-Moja Love, nonogada wakhe uMnu Bongani Makhubela, ababhekene namacala amathathu.

Amabili awokuzama ukubulala nelilodwa lokungena esakhiweni ngaphandle kwemvume.

Laba ababili bebevele eNkantolo yeMantshi yaseSoshanguve, ePitoli, namuhla. Ngokwenhlangano yezokushushisa eNingimu Afrika i-National Prosecuting Authority (NPA), kubikwa ukuthi uMaphanga nethimba lakhe leSizok’thola, basolwa ngokushaya kanzima abantu abathathu ngesikhathi beqopha esinye seziqephu zohlelo ngenyanga eyedlule, nokwalandelwa wukuthi bavulelwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

“Kubikwa ukuthi ngoNdasa (March) nonyaka amalungu ohlelo iSizok’thola angena emzini kammangali ongowesifazane eSoshanguve, athi azofuna izidakamizwa azidayisayo. Kuthiwa athi uma engazitholi, aqala ashaya ummangali ngemvubu, basebemushokha ngokusagesi ngaphambi kokudlulela kumfowabo kalo wesifazane bamncisha umoya,” kusho i-NPA.

INPA, ithi laba ababili babe sebezinikela  emaphoyiseni ngemuva kokuphuma kwencwadi egunyaza ukuboshwa kwabo.

Icala labo liguqele umhlaka 21 kuNhlaba (May), kanti inkantolo ibakhulule ngebheyili ngaphansi kombandela wokuthi bangahlangani nofakazi bombuso.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMaphanga wathatha izintambo zokwethula iSizok’thola ngemuva kokuxoshwa kowayengumethuli walolu hlelo,  uXolani Khumalo, naye obhekene necala lokubulala, okuthiwa walenza kuqoshwa esinye seziqephu zeSizok’thola.

Previous articleImali mayingabi yisizathu sengxabano nengcindezi phakathi komzali nengane
Next articleKungenelele uCele empini yemindeni eNquthu