THANDOLUHLE NGUBO
UNIKWE ibheyili ka-R3 000 yiNkantolo yeMantshi yaseMzumbe ngoLwesithathu owesilisa osolwa ngokuzama ukubulala umkamfowabo emuva kokuba embambe ukuthi wakokotela incwadi yefa lomyeniw ayo osewashona, qede washaqa wonke umcebo wakhe, wawudayisa.
UMnu Sandile “Mpa” Mkhize (okwesokudla), usolwa ngokukokotela incwadi yefa likaMnu Eugene “Javas” Mkhize (okwesokunxele) owayengusomatekisi odumile eMzumbe, owadutshulwa wabulawa ngo-2022.
Kuthiwa umufi wayenamatekisi awu-23 ayehambela eMzumbe, eMlazi, eNazareth, eHlokozi naseJolivet; ibhasi, amaloli amabili nomuzi. Kusolwa ukuthi ngemuva kokubulawa kwakhe, uMpa, wakokotela incwadi yefa, wathatha lonke ifa.
Umndeni kamufi uthi unengebhe ngenxa yokudedelwa kukayise omncane.
UMpa ubhekene namanye amacala okungelokubulala, elenzeka ngo-2021 nelokukhomba ngesibhamu uNkk Precious Mkhize, oyinkosikazi kaJavas nyakenye, nelokuzama ukumbulala (uNkk Precious) elenzeke ngoNdasa.
Ngesikhathi kuqhubeka icala ngoLwesithathu, umbuso uveze ngencwadi efungelwe yomphenyi walo, uWarrant Officer Wade Govender, ukuthi uMpa akakulungele ukuphuma ngebheyili, kodwa wehluleka ukuhlinzeka izizathu eziqinile zalokhu. Ummeli kaMkhize, uMnu Berry Ngcobo, uveze ukuthi ikilayenti lakhe kalikho engcupheni yokubaleka, futhi kalibazi ofakazi bombuso. Uthe kunobufakazi bokuthi ikilayenti lakhalwa itulo lokuqanjelwa amanga enkantolo, futhi kune-voicenote ayithumele kumphenyi wecala, ecacisa ngalokho.
Imantshi, uMnu Pierre Louwrens, ikhwele yadilika embusweni ngokwehluleka wukuphendula nokuletha ubufakazi enkantolo. Isole umphenyi wecala ovumile ukuthi uyitholile i-voicenote kodwa wangamthola umuntu ozomtolikela yona.
Icala liguqele umhla ka-27 kwephezulu.