UDABA NGU: MTHOBISI SITHOLE
UDEDELWE ngebheyili owagqama ngokulwela imfundo yamahhala ezikhungweni zemfundo ephakeme eminyakeni edlule. UMnu Bonginkosi Khanyile waseNkandla, uthole ibheyili Ka-R5000 enkantolo yeMantshi eThekwini namhlanje ngoLwesibili.
UMnu Khanyile ubhekene necala lokugqugquzela udlame ngesikhathi elwela ukuthi kukhululwe ejele owayenguMengameli kuleli uMnu Jacob Zuma, obekade eboshwe ejele laseMtshezi (Estcourt) ngecala lokudelela umyalelo wenkantolo yomthethosisekelo.
UMnu Khanyile uqophe ama-video ngesikhathi kuboshwe uMnu Zuma, okuthiwa ayekhuthaza ukuba abantu abacekele phansi izakhiwo nokutatshwa kwempahla ezitolo.
Inkantolo ithe ubufakazi obuthulwe abameli bakhe buyaseseka isicelo sakhe sokuba anikezwe ibheyili. Icala lihlehliselwe umhlaka-23 kuMandulo (September).
UMnu Khanyile uboshwe emasontweni amathathu edlule, endaweni yokuhlala izitshudeni e-University of Wits eGauteng. UMnu Khanyile uphinde wagqama ekhulumela umndeni wowayengumsakazi woKhozi FM uNgizwe Mchunu ngesikhathi eboshwe eGauteng naye ngecala lokugqugquzela udlame. Icala likaNgizwe liyabuyela enkantolo yeMantshi eRandburg, eGoli mhlaka 21 kuMfumfu (October).