Udidekile umdlali osephenduke inyama

972
ULESEDI Kapinga weBlack Leopards othi udidekile ngesinqumo okumele asithathe njengoba efunwa ngamakilabhu amaningi.

SENZO SOKHELA 

UPHITHENE ikhanda ngesinqumo okufanele asithathe umdlali weBlack Leopards okuvela ukuthi ufunwa uthuli ngamakilabhu amakhulu akuleli.

ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi uLesedi Kapinga odlala esiswini kwiLeopards ufunwa uthuli yiMamelodi Sundowns, yiKaizer Chiefs namaZulu. 

USuthu yilona kuphela oseluke lwaphumela obala ngokuthi luyamfuna lo mdlali.

Lukhale ngokuthi umphathi walo mdlali ufuna itshe le mali elingeke likwazi ukumnika yona. 

Lo mdlali ekhuluma naleli phephandaba uthe uphithene ikhanda ngesinqumo okufanele asithathe. 

“Kuyiqiniso ukuthi inkontileka yami neLeopards iyaphela uma kusongwa isizini. 

“Akhona amakilabhu engixoxa nawo kodwa ngeke ngikwazi ukuwadalula okwamanje. 

“Ngiphithene ikhanda ngesinqumo okufanele ngisithathe ngoba simqoka ngendlela eyisimanga ngekusasa lami. Nale nto yale-coronavirus isivele kwayona yangifakela uvalo.

“Bonke bangithembisa imali enhle kodwa kufanele ngiqaphele ngingayi lapho engingeke ngidlale khona ngigcine sengibulala ibhola lami. 

“Kodwa-ke ngizobona ngoba ekugcineni kufanele nginqumile,” kusho uKapinga. 

Uthi into emqoka kuyena njengamanje wukuhlenga iBlack Leopards ingayi ehlathini. 

“Kunzima njengoba kuvaliwe ngoba asijimi ngendlela okufanele engabe sijima ngayo umuntu uzenzela lokho okuncane ekhaya. 

“Nginovalo nje lokuthi sizobuya singasesiyona le nto esivale siyiyo. 

“Kodwa-ke into emqoka wukuthi siyihlenge le kilabhu.

“Ngeke nje kungijabulise ukuhamba kuyona ngibe ngiyishiye igengcwe yizembe,’’ kusho uKapinga. 

Previous articlei-pirates ihlela ukukhomba indlela unozinti wase-france
Next articleAyibanga lula indlela eya empumelelweni